Siyawahlonipha amaqembu aphikisayo e-KZN – uNdunankulu uNtuli

Lubhalwe nguSihle Mavuso

UNdunankuku waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli we-IFP uthi amaqembu aphikisayo esiShayamthetho esifundazweni azohlonishwa yize engaboni ngasolinye nohulumeni omusha wobumbano lwesifundazwe eKZN.

UNtuli uthe i-IFP izohlonipha amaqembu uMkhonto wesSizwe ne-EFF. Iqembu le-MK liphonsela inselelo ukungena kwakhe esikhundleni eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

UNdunankulu wenze izitatimende zakhe zokuvula eMgungundlovu ngemuva kokufungiswa kwakhe kulesi sikhundla.

UNtuli uthe isiShayamthetho “sizohlala sifuna ukuvumelana phakathi kwamaqembu ahlukene kuhulumeni wethu”.

“Ngifisa ukukubeka kwirekhodi ukuthi nalabo abebengeyona ingxenye yalolu hambo basazohlala bengabaholi bethu kanye nabaholi esibambisene nabo, futhi sizobahlonipha ngokwezifiso zalabo abasikhethile,” kusho uNtuli etshela izihlwele ebezizofakaza ethatha isikhundla.

Uhulumeni waseKZN uhlanganisa i-IFP, i-DA, i-ANC neNational Freedom Party (NFP).

Esebenzisa umyalezo wokukhankasela iqembu, uNtuli uthembise abantu besifundazwe ukuthi i-IFP izohola uhlelo lokwakha kabusha futhi ngeke ibakhaphele abavoti.

“Lo hulumeni engihloniphekile ngokuwuhola umi esicongweni sesiqalo esisha. Ngokuhlangene sizoletha ithemba futhi sivuselele abantu bakulesi sifundazwe.

“Namuhla singena esikhathini esisha esibalulekile sokwakha kabusha isifundazwe sethu esizodinga ukuthi sonke sibe nemiqondo ehluzekile sibe sibonisa ubuholi obunombono nokuzinikela.

“Ngifisa ukukuqinisekisa ukuthi sizosigcina isithembiso sethu sokuthi siyizinceku zenu, hhayi abaphathi benu. Sicela nisithembe,” kusho yena.

UNtuli uphinde wathi uzolwa nobugebengu obudlangile esifundazweni.

“Sithembisile ukuthi sizokubeka eqhulwini ukulwa nobugebengu nokuletha uzinzo esifundazweni. Ngenxa yalokho nginqume ukubeka umnyango wezokuphepha nokuxhumana komphakathi ehhovisi likaNdunankulu.”

Osesithombeni esingenhla: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli.

Umthombo: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva