Siyashisa isihlalo sobuMeya kowaseJohannesburg

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Idolobha laseGoli kulindeleke ukuthi lithole iMeya yalo yesine kusukela ngokhetho lwangoLwezi ngonyaka ka-2021 kulandela ukwesula kukaThapelo Amad ngemuva kwezinyanga ezintathu nje ebambe izintambo.

U-Amad, oyikhansela le-Al Jama-ah iqembu lakhe ebelihola uMasipala onesabelo mali sika-R90 billion, nakuba lithole ngaphansi kuka-1% wamavoti, umemezele ukuthi uyasula ngoMsombuluko ebusuku.

Lokhu bekuwumzamo onzima wokubhidliza umkhandlu ngemuva kokuthi i-ActionSA imemezele izinhlelo zokufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi buka-Amad ngoLwesibili.

IziMeya zangaphambilini bekunguDkt Mpho Phalatse we-DA noDada Morero we-ANC.

U-Amad ushaqise abakhokhi bentela ngesikhathi ememezela ukuthi uzoboleka imali engu-R9 billion, athe izothuthukisa ukuhanjiswa kwezidingo kubantu futhi ixhase nokwakhiwa kwedolobha elibizwa nge-Smart City. Esitatimendeni sangoMsombuluko, uthe lo msebenzi “bekuwumbono nje” futhi bekuyingxoxo.

U-Amad waphonsela emgqonyeni icebo elinemininingwane kalowo owayeyiMeya uPhalatse lokuvikela amabhizinisi aseGoli nabakhokhi bentela kusukela ezigabeni eziphakeme zokucinywa kukagesi.

Selokhu kwahamba uPhalatse ngoMasingana, idolobha libhekene nezinkinga zokunqanda ukubhebhetheka kwekholera, kanti ukungafakwa kahle kwamanzi kushiye izindawo eziningi zikaMasipala zingenamanzi.

Ngesikhathi esula izolo ebusuku u-Amad uthe uphathe idolobha ngokombono womfelandawonye oholwa yi-ANC.

IMeya ephumayo igcizelele ukuthi ukwesula kwayo bekungakhombisi ikhono layo. “Lokhu akuhlangene nemibono yomphakathi noma ikhono lami lokuhola.”

UNdunankulu wase-Gauteng, uPanyaza Lesufi onguSihlalo we-ANC esifundazweni, owenza izivumelwano zokusebenzisana koMasipala oholwa i-ANC e-Gauteng, uthe bazozivikela iziphakamiso kuSomlomo noSotswebhu.

IMeya entsha izophuma kumadlelandawonye aholwa yi-ANC okuhlanganisa i-EFF, i-Al Jama-ah, i-PA, i-AIC, i-Good, i-ATM, i-AHC, i-PAC, i-Cope, i-UDM ne-APC.

Izihloko zakamuva