
Lubhalwe nguKarabo Rammutla
UMnyango Wezempilo usumemezele ukuthi isibalo sabantu abashonile ngenxa yokuqubuka kwesifo sohudo e-Hammanskraal enyakatho ne-Tshwane, sesinyuke safinyelela ku-20.
Esitatimendeni sangoLwesine, uMnyango uthe isibalo seziguli ezisesibhedlela sase-Jubilee kusukela ngomhlaka-24 kuNhlaba ngo-2023 besingu-179.
Ezigulini ezingu-179, zingu-18 esezidluliselwe esibhedlela i-Dr George Mukhari Academic kanye naseSteve Biko Academic.
Isifundazwe sase-Free State siphinde saqopha isigameko sokuqala sokushona kwabantu abaphethwe isifo sohudo, nokwenza isibalo sabashonile ngenxa yesifo sohudo safinyelela ku-21 ezweni.
Njengoba kwenzekile kusukela kubheduke lesi sifo, osopolitiki basaqhubeka nokutheleka ngobuningi babo esibhedlela sase-Jubilee.
Ibamba likaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, iPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo noNgqongqoshe wezeMpilo e-Gauteng, uNomantu Nkomo-Ralehoko bavakashele lesi sibhedlela.
Lolu hambo oluphuthumayo luzokwenza ukuthi izikhulu zezombusazwe zikwazi ukuqapha ukusebenza ngempumelelo kwezinyathelo zikahulumeni wamanje zokunqanda ukubhebhetheka kwesifo sohudo futhi kusindiswe izimpilo zabantu.
“Ithimba belihambisana nongoti be-National Institute for Communicable Diseases (NICD), i-World Health Organisation (WHO) nezikhulu eziphezulu zoMnyango wezeMpilo kuzwelonke nowesifundazwe,” kusho okhulumela uMnyango wezeMpilo uFoster Mohale.
Khonamanjalo, uMnyango wezeMfundo e-Gauteng uthe ukufunda nokufundisa akuthikamezekile ngenxa yokubheduka kwesifo sohudo kule ndawo.
Okhulumela uMnyango, uMnu Steve Mabona uthe kunezinkinga zokushoda kwamanzi kwezinye izikole okulindeleke ukuthi zihlukaniselane amanzi aphuma emathangini nemiphakathi eyakhelene nayo, kodwa basezinhlelweni zokuqeda lokhu.
“Siqala uhlelo oluphuthumayo lokulethwa kwamanzi ezikoleni ezingu-61 e-Hammanskraal.
UNgqongqoshe Wezamanzi uNokuthuthwa Kwendle, uSenzo Mchunu, kulindeleke ukuthi ahlangane neMeya yeDolobha lase-Tshwane, uCilliers Brink, ngoLwesihlanu ukuze enze uhlelo oluhlanganyelwe lokulungiswa kabusha kwendawo ehlanza amanzi angcolile i-Rooiwal.