Lubhalwe ngu-Everson Luhanga noZukile Majova
Inyunyana yabasebenzi bakahulumeni iNehawu ishaya phansi ngonyawo ithi izoqhubeka nesiteleka sayo phezu kwesinqumo senkantolo esithi abasebenzi abenza umsebenzi okhethekile kumele babuyele etohweni.
NgoMsombuluko iNkantolo yezabaSebenzi ikhiphe umyalelo othi bonke abasebenzi abangamalungu eNehawu abenza umsebenzi okhethekile kumele babuyele emsebenzini noma babhekane nokukhonjwa indlela.
INehawu isesitelekeni sikazwelonke mayelana nokwenyuselwa amaholo.
Le nyunyana enamalungu abalelwa ku-300,000, idale uthuthuva ezibhedlela zikahulumeni ezweni lonke, ivimba iziguli nama-ambulensi ukuthi afinyelele ezikhungweni zezempilo.
Uhulumeni ucubungula ukuthi abaholi bale nyunyana bangathathelwa yini izinyathelo zomthetho ngezinsolo zokushona kwiziguli ngenxa yesiteleka.
NgoMsombuluko ebusuku uMengameli weNehawu uMike Shingange uthe umyalelo weNkantolo yabaSebenzi uthinta abasebenzi abenza umsebenzi okhethekile kuphela, wengeza ngokuthi isiteleka siyaqhubeka.
“Isiteleka sethu angeke sivinjwe ngoba sivikelekile futhi siyaqhubeka,” kusho uShingange.
“Siyawuhlonipha umyalelo wenkantolo ozakwethu abenza umsebenzi okhethekile bazobuyela emsebenzini kodwa laba abanye bayaqhubeka nesiteleka.” usho kanje.
UShingange ukugcizelele ukuthi inkantolo ayikasizwa isicelo sokuthi kuqedwe ngokuphelele isiteleka, wengeza ngokuthi isinqumo sangoMsombuluko sisukela esicelweni esiphuthumayo sombuso ebesimayelana kuphela nabasebenzi abenza umsebenzi okhethekile.
“IJaji belilalele udaba lwabasebenzi abenza umsebenzi okhethekile kuphela,” kusho uShingange.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla uthe ulindele ukuthi abasebenzi abenza umsebenzi okhethekile ukuba babuyele emsebenzini namhlanje.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko ebusuku, uPhaahla uthe bakholwa ukuthi kunabantu abashonile ngenxa yalesi siteleka.
Ngesonto eledlule kubikwe ukuthi bane abantu abashonile.
NgoMsombuluko, i-South African National Defence Force ijube amalungu ayo ukuba afake igxalaba ezikhungweni zezempilo.
Esithombeni esingenhla: Ababhikishi beshisa amathayi esibhedlela saseSoweto
Umthombo wesithombe: U-Everson Luhanga