Siyanyuka isibalo samasosha ase-Ukraine ashonayo

Dylan Bettencourt

Ukuhlasela kwe-Russia endaweni yamasosha edolobheni elisempumalanga ne-Okhtyrka e-Ukraine kushiye amasosha angaphezu kuka-70 ase-Ukraine eshonile kanti lokhu kubikwa njengenani eliphezulu kakhulu labantu abashonile ngesikhathi esisodwa selokhu kuqale lempi. 

Izikhulu zase-Ukraine ziqinisekise izigameko zokushona kwabantu ngoLwesibili ekuseni kulandela ukwanda kokuhlaselwa i-Russia emadolobheni amakhulu okuhlanganisa nokusetshenziswa kwamarokhethi amaningi asakazwa ezindaweni zabantu.

Imibiko yokuqala ikhombise ukungqubuzana njengoba abanye bebike ukuthi abalimele baqhamuka esakhiweni esicekelwe phansi imicibisholo ethunyelwe. Eminye imibiko iveze ukuthi ukushona kwabantu kwenzeke ngokuhlaselwa amahlandla amathathu okuhlanganisa namabhomu kaphethiloli.

IMeya yase-Okhtyrka, uPavlo Kuzmenko, ubhale ku-Facebook, wathi: “Namanje, isitha silwa impi embi. Kwaphonswa ibhomu likaphethiloli edepho kawoyela kwaqhunyiswa amathange kawoyela.”

Izithombe zevidiyo eziphuma endaweni yesigameko kulandela ukuhlasela zibonise amasosha amaningi ezama ukususa ukhonkolo nemfucumfucu ukuze akhiphe amasosha amaningi ayecindezelekile. 

Lokhu kuhlasela kuza njengoba i-Russia isondela enkabeni yedolobha i-Kyiv, uhide lwamasosha ase-Russia okubukeka lungamakhilomitha angu-64 ubude, seliphindeke kabili ngobukhulu kusukela ngempelasonto.

Izithombe ezikhishwe uphiko lwezobunhloli lwaseMelika zikhombisa iqembu eelihlomile lihlasela ngesihluku ngaseBelarus. Okukhathaza kakhulu ukuthi i-Belarus izothumela amasosha ayosiza i-Russia emahoreni agu-24 alandelayo.

Intuthuko evela edolobheni lesibili e-Ukraine, i-Kharkiv, iphakamisa ukuthi uMengameli wase-Russia uVladimir Putin useke wadedela ukuhlasela okunamandla njengoba ehlulekile ukuletha amagalelo alimazayo e-Ukraine.

UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky uthe i-Russia yenza ubugebengu bempi ngokuhlasela amadolobha angenazo izindawo zamasosha.

“I-Russia ayazi ukuthi idubule kuphi,” esho ekhelini levidiyo.

Umshushisi wenkantolo yobugebengu yamazwe ngamazwe uthe uzoqala uphenyo ngamacala empi enziwa i-Russia ngokumelene ne-Ukraine.

Umthombo wesithombe: @BNONews

Izihloko zakamuva