Siyanyuka isibalo sabashone ngenxa yesishingishane KwaZulu-Natal 

Kushone abantu abane kanti owesihlanu usadukile ngemuva kwesishingishane esihlasele izingxenye zeKwaZulu-Natal ngasekuqaleni kwesonto.

Isimo sezulu esibi sidale umonakalo, saba nomthelela kwingqalasizinda yemigwaqo, ukuphakelwa kukagesi, amapayipi endle kanye nezindlu.

Imizamo yakwa-Eskom nomasipala yokubuyisela ugesi iyaqhubeka ezindaweni ezithintekile.

Isibalo sabashonile sinyuke safinyelela kwabane ngemuva kokubikwa kwezigameko ezintathu zokushona kwabantu eThekwini okungenye yezindawo ezikhahlamezeke kakhulu.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uhlonze izindawo eziningi ezikhahlamezeke kakhulu okubalwa kuzo e-Phoenix, eNanda, eNtuzuma, KwaMashu, e-Pinetown nendawo eyakhelene nayo eFolweni kanye nezindawo ezisenyakatho yeTheku.

Esifundeni Ugu, eMzumbe, eMdoni  noMuziwabantu yizona zindawo ezishayeke kakhulu, kubika i-News24.

Imibiko yokuqala evela emnyangweni ikhombisa umonakalo omkhulu emigwaqeni, kwingqalasizinda kagesi, amapayipi endle kanye nasezindlini.

Izindlu eziningi azinalo uphahla, izindonga zabhidlikile futhi zikhukhulekile. EThekwini zilinganiselwa ku-70 izindlu ezicekeleke phansi ngesikhathi ezinye ezingu-110 zicekeleka phansi kancane nokuyinto eshiye abantu abangu-151 bengenamakhaya kwalimala abangu-552.

Esifundeni Ugu umuzi owodwa ucekeleke phansi kwathi emithathu yacekeleka phansi kancane kwalimala abantu abangu-29 oyedwa wasala dengwane.

Okungenani ziyishumi izikole ezikhahlamezekile nakuba ukuhlolwa kusaqhubeka.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana usebenzisa isikhungo sesifundazwe sokulawulwa kwezinhlekelele ukuhlinzeka ngezinsiza zokusiza izisulu ezithintekile.

Lokhu kuhlanganisa amaphasela okudla angu-300, izingubo zokulala ezingu-2,750, amashidi epulasitiki angu-5,500 kanye namabhokisi ezimo eziphuthumayo angu-550 njengengxenye yokuhlela izimo eziphuthumayo zasebusika kuzo zonke izifunda kanye nakumasipala.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Isishingishane KwaZulu-Natal

Izihloko zakamuva