Siyanda isihlava sokuhlaselwa kwezikhungo zezempilo e-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umhlengikazi nonogada basemtholampilo eSigodlo, e-Debe Nek, e-Amathole bahlaselwe ngesikhathi kubanjwa inkunzi ngoLwesihlanu, bavalelwa endlini yokwelapha baze batholakala ngeSonto ekuseni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape, uSizwe Kupelo uthi amadoda abehlomile ashaye laba ababili ngaphambi kokuntshontsha amakhompyutha, umshini wokufothokhopha, ubisi lwezingane, ukudla, omabonakude, omakhalekhukhwini nesilinda segesi.

Uthe izigebengu zibophe ngozankosi izisulu ngaphakathi e-dispensary ngaphambi kokuba zizivalele. Zize zatholakala ngehora lesithupha ekuseni ngeSonto ngesikhathi kufika unogada obezosebenza emini.

UNgqongqoshe wezeMpilo e-Eastern Cape uNkosazana Meth usigxekile lesi sigameko wanxusa amaphoyisa ukuba aphenye ukuze kutholakale izigebengu. 

Lesi isigameko sakamuva sokuhlaselwa kwezikhungo esifundazweni ngemuva kokuthi kwebiwe amakhebuli kagesi esibhedlela iDora Nginza, e-Gqeberha nokuphoqe isibhedlela ukuthi sisebenzise amajeneretha izinsuku ezinhlanu. Kuphinde kwebiwa ucingo lwasemtholampilo eMabandla e-Kariega.

Esithombeni esingenhla: Iziguli ezilinde ukunakekelwa emtholampilo wase-Eastern Cape.

Umthombo wesithombe: EC Health/Facebook

Izihloko zakamuva