
Lubhalwe nguLungani Zungu
Kusukela ngoNdasa kuya kuMandulo sekubulawe abantu besifazane cishe abangu-989 kwabulawa izingane ezingu-558 kuleli.
Ngaleso sikhathi abesifazane abangaphezu kuka-13,000 baba izisulu zokushaywa ngenhloso yokulimaza (GBH) kanti abanye besifazane abangu-1,277 babeyizisulu zokuzama ukubulawa.
Lezi zibalo ezishaqisayo zivezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele ngoLwesithathu ngesikhathi ethula izibalo zobugebengu zekota yonyaka.
UCele uthe amaphoyisa aphenya ngamadokodo okuzama ukubulala ezingane ezingu-294 ngesikhathi esifanayo. Angaphezu kuka-10 000 amacala okudlwengula abikwe eziteshini zamaphoyisa phakathi kukaNtulikazi noMandulo.
Amaphoyisa abophe abadlwenguli abangu-410 kwathi abangu-68 bagwetshwa odilikajele.
Phakathi kwabo kukhona uMfundisi Hlumelo Dywili owagwetshwa udilikajele ngoNcwaba ngecala lokudlwengula umzalwane oneminyaka engu-33 ubudala.
“Kuyacaca ukuthi izinhlangano zomphakathi, izinhlangano zezenkolo nezinhlaka ezahlukene zomphakathi kumele zibhekane ngqo nezimbangela kanye nezindlela zokuvikela ubugebengu obubhekiswe kwabesifazane nezingane,” kusho uCele.
UCele uthe bangu-7 004 abantu ababulawe ngabanye abantu kuleli kota lonyaka.
“Lesi isibalo sabantu abangu-841 ababulawa, uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye lapho izwe lafakwa ngaphansi komvalelandlini ngenxa ye-Covid-19,” kusho uCele.
ENanda enyakatho neTheku sekuyindawo ehamba phambili okuyisizinda lapho kubulawa khona abantu kakhulu.
Kulandele uMlazi oseningizimu yeTheku kanye nendawo ebizwa ngeNyanga ese-Western Cape.
Angu-274 amacala okubulala abikwe kulezi zindawo ezintathu.
Ukubulawa kwamaphoyisa
UCele wamemezela ukuthi amaphoyisa uma ebona isidingo awodubula nawo ngesikhathi eveza ukuthi kubulawe amaphoyisa angu-22 kusukela ngoNtulikazi kuya ngoMandulo okungaphansi kancane uma kuqhathaniswa nyakenye.
“Kulula kakhulu, amaphoyisa kumele adubule uma kunesidingo,” kusho uCele.
Isifundazwe saKwaZulu-Natal sihamba phambili ohlwini lwezibalo eziningi zokubulala silandelwa i-Gauteng ne-Western Cape.
UCele uthe kuzofakwa amanye amaphoyisa angu-10 000 ngoZibandlela ukuze kuliwe nobugebengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Ubugebengu (contact crime) bukhuphuke ngo-18.5% uma kuqhathaniswa nekota lonyaka elidlule.
Osesithombeni esingenhla UBheki Cele