Siyanda isibalo sozamazama abaphumayo emayini yase-Stilfontein 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

  • Baphumile abanye ozamazama abayishumi nesikhombisa emigodini yezimayini eyingozi eNtshonalanga ngemuva kokuhlala ngaphansi komhlaba.
  • Iningi labavukuzi livela emazweni angomakhelwane kanti libhekene namacala okuvukuza ngokungemthetho.

Abanye ozamazama baphume bekhasa ngamadolo emigodini yezimayini eyingozi e-Stilfontein, eNyakatho  Ntshonalanga, njengoba amaphoyisa ebalinde ngaphezu komhlaba ukuze ababophe.

NgoLwesine, abanye ozamazama baphumile emhubheni emnyama lapho kade bemba khona igolide.

Amaphoyisa asazimisele ngokubopha abantu, nakuba izinhlangano ezilwela amalungelo abantu ziwanxusa ukuthi ozamazama bangaboshwa.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe abavukuzi abayishumi nane baqhamuke eMargaret Shaft kwathi abanye abathathu baphuma emgodini weshumi.

“Abavukuzi abayishumi nane abaqhamuke eMargaret Shaft bangabokufika abavela eLesotho, Zimbabwe naseMozambique, basalungiswa,” usho kanje.

Ngosuku olwedlule, abanye abavukuzi abangamashumi amabili baqhamuke eMargaret Shaft – abayishumi abaseLesotho, abayisithupha abaseZimbabwe nabane baseMozambique.

Abavukuzi sebehambe amakhilomitha behamba ngaphansi komhlaba emihubheni eyingozi. Abanye baphume emigodini yemayini iHarmony Gold, nakuba lemigodi ingeyemayini ehlukile.

Ochwepheshe bezimayini bathumele amakhamera emigodini ukuze bathole indlela ephephile yokukhipha abavukuzi.

Amaphoyisa alindele  ozamazama abaningi ukuthi baphume emigodini yezimayini engasasebenzi ezinsukwini ezizayo.

Babalelwa ku-300 ozamazama abavele enkantolo yaseStilfontein ngoLwesine. Babekwe amacala okumba izimayini ezingekho emthethweni kanye nokwephula imithetho yabokufika abavela kwamanye amazwe.

 Esithombeni esingenhla: Umgodi wemayini yase-Stilfontein.

Umthombo Wesithombe : Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva