Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umphakathi usulahlekelwe yithemba ngokungenelela kukahulumeni njengoba kuqhubeka isihlava sokubulalana.
Njengamanje abashayeli nabanikazi bamatekisi bayahlaselwa. NgoLwesithathu kubulawe uMnuz Mdu Nkosi obengumnikazi wamatekisi endaweni yodumo KwaDabhasi.
Lokhu kulandela isigameko sangoLwesihlanu sokubulawa kwabashayeli uMthokozisi Mthethwa noSipho Mahlambi, abahlaselwe beyolanda abagibeli abaya eGauteng naseThekwini.
Amaphoyisa athi akukho okuthathwe kuwo.
Umthombo utshele iScrollla.Africa ukuthi lokhu kubulala kungenzeka ukuthi akuhlobene nezingxabano eziqhubekayo ezigodini zase-Onyango naseMusi, lapho kushone khona abantu abayishumi.
“Lena yinkinga entsha ethinta udlame lwamatekisi,” kusho umthombo.
“NgoLwesine kube nengxabano phakathi kwabashayeli nabanikazi bemizila bebanga imizila, abanye bahlawuliswa okucishe kwasula uthuthuva. Ngakusasa ekuseni kubulawe uMthethwa noMahlambi, manje uNkosi usebulewe ngalo uLwesithathu.”
IPhini leMeya yaKwaNongoma, uBabongile Sithole, uzwakalise ukukhathazeka okukhulu, esaba ukuthi lokhu kufana nokulwa kwamaqembu ezigodini.
“Sikhathazekile ngoba uNdunankulu waKwaZulu-Natal usanda kuthumela ithimba likahulumeni namaphoyisa, eliholwa nguNgqongqoshe uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, ukuyodambisa isimo,” kusho uSithole.
“Kodwa manje, njengoba kubulawe laba bashayeli ababili endaweni yase-Osuthu, wonke umuntu wethukile.”
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) usenxuse ukuthi kube nokuthula endaweni yase-Onyango, lapho izingxabano phakathi kwabantu zidlule nemiphefumulo eyishumi.
Udlame luqale ngempi yasesikoleni iSihlahla seNkosi High School, egcine isikapakele ngaphandle njengoba imindeni isifuna ukuziphindiselela.
IScroll.Africa ike yabika phambilini ukuthi ukulwa phakathi kwemindeni okusuke kuqale ngempi yezingane zesokole kuholela ekubulaweni kwabantu abaningi, okuhlanganisa nokuhlaselwa kwabantu abaya eGauteng ngisho nangaphakathi emahostela. UButhelezi useke wahlangana nomphakathi wawunxusa ukuthi unqande udlame oseluphoqe ukuthi abanye balale ehlathini bacashe ezintabeni.
UNgqongqoshe uphinde wakugcizelela ukubaluleka kokuvumela abomthetho ukuthi baphenye , wathembisa ukuthi eminye imicimbi yomphakathi ngoZibandlela, njengomqhudelwano webhola likanobhutshuzwayo ezosiza ukunciphisa ukungezwani.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netsheunda ubike ukuthi kuboshwe abasolwa abahlanu mayelana nezigameko zakamuva zokubulala KwaNongoma.
Esithombeni esingenhla: Udlame oludlondlobalayo lwaKwaNongoma oselwenza izakhamuzi zingahlaliseki, sekubulawe izakhamuzi ezingu-10 nosomatekisi abathathu okuhlanganisa nomnikazi wamatekisi.
Umthombo wesithombe: X
