Siyanda isibalo samaphoyisa abulawa nsuku zonke kuleli

:

Zukile Majova

Ukubulawa kwamaphoyisa ayisithupha ngesonto elilodwa nje kuphela, sekudonse amehlo njengoba sanda isibalo sezehlakalo zokuhlaselwa kwamaphoyisa ngesikhathi esemsebenzini.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ubehambele umngcwabo kaConstable Royal Mfihloyakhe Ndlovu ngeSonto KwaXimba, KwaZulu-Natali.

UConstable Ndlovu ubulawe ngesikhathi bebizelwe endaweni yesigameko lodlame lwasekhaya e-Chatsworths ngaphandle kweTheku.

Iminyaka yakhe eyi-15 kanye nezinsuku ezingama-23 esemsebenzini wamaphoyisa ziphele ngokukhulu ukuzuma ngesikhathi umenzi wobubi emdubula esifubeni evele ngefasitela mhla zi-18 kuNhlolanja.

Umhlaseli umdubule ngenhla komzimba egqoke ivesti lakhe lokuvikela izinhlamvu, ngaphambi kokuba adutshulwe abulawe nguzakwabo kaNdlovu ngesikhathi ezama ukubaleka endaweni yesigameko.

UCele ngesikhathi ehambele lo mngcwabo,  uthole izindaba zokuthi amaphoyisa amabili ashone ngaphansi kwesichotho sezinhlamvu ngeSonto ekuseni, ngesikhathi ehlaselwa oshayasibhamu abangaziwa begade e-Bloekombos e-Western Cape.

UGeneral uThembisile Patekile, uKhomishani Wesifundazwe sase-Western Cape, wethule ngokushesha umkhankaso omkhulu wamahora angama-72 wokusebenzisa zonke izinsiza zamaphoyisa ukuthungatha abasolwa.

La malungu amabili amaphoyisa ase-Kraaifontein alahlekelwe yimiphefumulo yawo ngezikhathi zabo-01: 25 ekuseni emgwaqeni uPhumla e-Bloekombos ngesikhathi imoto yawo isha ngomlilo ngemuva kokuhlaselwa engalindele.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Andre Traut uthe: “Womabili la malungu abulawe endaweni yesigameko aphucwa nezibhamu zawo ezisemthethweni.”

Imininingwane mayelana namagama Ka sayitsheni kanye nephoyisa izodedelwa ngokuhamba kwesikhathi.

“OKlebe banikwe umsebenzi wokuphenya ngezimo ezithinta lesi senzo esibi kangaka esenziwa kuMbuso.”

Kuphinde kwabulawa amanye amaphoyisa amathathu abengekho emsebenzini KwaZulu-Natali kuleli sonto eledlule.

Egxeka ukubulawa kwamaphoyisa uCele uthe, amaphoyisa ayimpahla kazwelonke futhi kufanele avikelwe ngazo zonke izindlela.

I-South African Police Service kuze kube manje isilahlekelwe ngamaphoyisa angaphezu kwam-590 ngenxa yegciwane le-Covid-19.

Izihloko zakamuva