Siyanda isibalo sabathinteka kwelokubulawa kuka-AKA

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Ibambezelekile imizamo yokubuyisela abasolwa ababili eNingizimu Afrika, abathinteka esigamekweni sokushona kukaKiernan “AKA” Forbes noTebello “Tibz” Motsoane.

U-AKA noTibz badutshulwa babulawa ngomhlaka-10 kuNhlolanja ngo-2023 ngesikhathi bemi ngaphandle kwendawo yokudlela iWish esengwaqeni uFlorida eThekwini.

Amaphoyisa amemezele ngesonto eledlule ukuthi azokwenza izinhlelo zokuthi izelamani uSiyabonga noMalusi Ndimande ababoshwe Eswatini baquliswe icala kodwa ummeli wabo, uSivesonke Ngwenya uthe bebengakawaboni amaphepha asemthethweni.

Bayingxenye yeqembu elikhulu labantu abayisikhombisa ababoshwe kusukela ngoMbasa nyakenye.

UNgwenya uthe bebelindele ukuthi bathole amaphepha asemthethweni ngoLwesihlanu olwedlule mhlaka-1 kuNdasa, kodwa lutho.

Laba bobabili sebevelile enkantolo Eswatini.

“Siye enkantolo ngoMsombuluko kanti lolo bekuwusuku lokuqala. Kusuka lapho sithole amaphepha e-provisional futhi sisalindele ukuthi sizonikezwa wonke amaphepha aphelele asemthethweni,” kusho uNgwenya, kubika iFakaza.

“Ngakho-ke ngicabanga ukuthi kungenzeka ukuthi kuhlehliswe ukulalelwa kwecala ngoba asifuni ukuzithola senza okungafanele ngenxa yemiyalelo yendawo.”

Ngaphandle kokubhekana namacala okubulala, lezi zelamani zombili ziphinde zathweswa amanye amacala abucayi.

Amaphepha efakwe enkantolo aveza ukuthi laba bobabili batholakale bebhace efulethini eliqashiwe eMbabane.

Abasolwa abahlanu bazobuyela enkantolo ngoLwesithathu.

Isithombe esingenhla: U-AKA.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva