Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Inkulumo yesabelomali eyethulwe ilungu lekomidi leMeya ngezimali zase-Tshwane, uPeter Sutton ngoLwesithathu inkulumo ibigcizelela kakhulu ukuhlanzwa kwamanzi angcolile ezikhungweni.
Kodwa-ke, amaqembu aphikisayo akholelwa ukuthi sesephuzile isikhathi njengoba isibalo sabashonile ngenxa yokuqubuka kwesifo sohudo e-Hammanskraal silokhu sikhuphuka kanti bangu-17 okubikwa ukuthi bashonile ngenxa yesifo sohudo.
Ngesikhathi senkulumo yesabelomali, kube nokuphazamiseka ngesikhathi i-EFF isola iMeya kanye nelungu lekomidi leMeya ngokukhombisa ukungabi nalo uzwelo kubantu base-Hammanskraal.
I-EFF ibifuna ukuthi iMeya uCilliers Brink iphuze amanzi endaweni engahlanzekile ukuze iqonde ngempela ubucayi besimo.
U-Obakeng Ramabodu, uSihlalo we-EFF e-Tshwane ubefike nebhodlela lamanzi ompompi wase-Hammanskraal endaweni yomkhandlu enxusa uBrink ukuthi awaphuze. Uthe: “Uma abantu base-Hammanskraal kulindeleke ukuthi baphuze la manzi, nawe kufanele uwaphuze ukuze sihlole ukuhlanzeka kwawo.”
UBrink uxoshwe e-Hammanskraal ngoMsombuluko wavinjwa ukuthi angene esibhedlela e-Jubilee ukuze azihlolele isimo.
Uphinde wazwakalisa ukudumala kwakhe ngamakhansela e-EFF e-Tshwane ngokuphazamisa inkulumo yesabelomali.
Ekhuluma ngodaba lokuhlanzwa kwamanzi angcolile, uveze ukuthi idolobha likhiphe u-R450 million weminyaka emithathu ezayo ukuze kuphothulwe isigaba sokuqala sokuthuthukiswa kwesikhungo i-Rooiwal WasteWater Treatment. Kodwa-ke, izindleko ezihlongozwayo zesigaba sesibili zibalelwa ku-R2.5 billion, okuyisamba semali idolobha elingenayo njengamanje.
“Ukuxhasa isigaba sesibili sokuthuthukiswa kwe-Rooiwal, idolobha lizodinga usizo lwezinye izinhlaka zikahulumeni ukuze liqoqe u-R2.5 billion odingekayo,” echaza.
Esitatimendeni esisemthethweni, uMotalatale Modiba woMnyango Wezempilo e-Gauteng udalule ukuthi isibalo sabantu abanesifo sohudo e-lab simi ku-29.
“Isibalo seziguli ezinakekelwa esibhedlela i-Jubilee e-Hammanskraal sesifinyelele ku-165, kanti iziguli ezingu-18 zidluliselwe kwezinye izikhungo zezokwelapha e-Tshwane,” kusho uModiba.
Njengoba ukubheduka kwesifo sohudo e-Hammanskraal kuqhubeka kuba kubi kakhulu, kanti lolu sekuwudaba oludinga ukunakwa ngokushesha kuphinde kubambiswane kuzo zonke izinhlangothi ezifanele.
Esithombeni esingenhla: Ukubheduka kwesifo sohudo e-Hammanskraal kususe umsindo ngesikhathi senkulumo yesabelomali njengoba isibalo sabashonile siqhubeka nokukhuphuka