Siyanda isibalo sabashonile eKZN ngenxa yezikhukhula

Sihle Mkhize

UPhumelele Linda waseNtuzuma utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ulahlekelwe yikho konke ngenxa yezikhukhula kodwa ubonga uNkulunkulu ngokusindisa impilo yakhe.

Babalelwa ku-45 abantu asebelahlekelwe izimpilo zabo ngenxa yesimo sezulu esibi esifundazweni sonke saKwaZulu-Natali.

ULinda uthe ngehora leshumi nanye ebusuku ngeSonto uvuswe umsindo omkhulu. “Izingane zami ezimbili bezikhala zicela usizo ngaphinde ngazibonela ngawami impahla yami yasendlini igugulwa amanzi kanye nezincwadi ezibalulekile ezinjengomazisi namakhadi ezibonelelo zakwa-SASSA,” kusho uLinda.

ULinda unxuse uMasipala weTheku ukuthi usheshise uhlelo lokuhlaliswa kwabantu.

ITheku laziwa njengelinye lamadolobha amakhulu futhi wonke umuntu ufuna amathuba omsebenzi.

Iningi lethu livamise ukugxumeka imijondolo lapho kungenandawo khona,” kusho uLinda.

Ngenxa yemvula enamandla eThekwini kuvele obala amathambo abantu abangcwatshwe emathuneni esigcemeni sakwa-D eNtuzuma emijondolo yaseLindelani.

Le ndawo ihlaselwe kakhulu izimvula ezinamandla. Amathuna agcwele amanzi kanti amanye aphume amathambo abantu.

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu uSihle Zikalala kanye neMeya kaMasipala weTheku uMnu uMxolisi Kaunda bavakashele umndeni wakwaJileka e-Georgedale ngase-Hammarsdale olahlekelwe ngamalungu omndeni amahlanu kulandela izikhukhula ezidale umonakalo KwaZulu-Natali muva nje.

“Besingakwazi ukuya emsebenzini zingekho izinto zokuhamba zomphakathi ngisho nogesi imbala ubuphazamisekile izinto bezimoshekile,” kusho uBuyie Mkhize.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natali, uSipho Hlomuka uthe: “Sesilahlekelwe inqwaba yabantu abalinganiselwa ku-45 ngokusho  kukaMasipala weTheku.”

Amathimba abatakuli atshalwe idolobha lonke namaphethelo ukuhlenga abantu abebevaleleke endaweni ephezulu futhi bevaleleke ngaphansi kwamathani esihlabathi nemfucumfucu ngemuva kokuthi imvula igugule imizi yabantu.

Izihloko zakamuva