Siyanda isibalo sababulawa abashokobezi e-Nigeria 

Lubhalwe nguMohammed Babangida

Babalelwa ku-102 abantu asebebulawe ngabashokobezi e-North west ye-Nigeria ngeSonto ebusuku.

Abashokobezi bahlasele amalungu amaqembu aqaphile asendaweni yase-Bakori Local Government e-Katsina State ngoLwesine.

Amaqembu aqaphile ahlaselwe ngesikhathi ejaha abashokobezi ukuze alande imfuyo entshontshiwe emiphakathini yawo.

Yize amaphoyisa aqale athi bangu-41 abantu ababulewe, izakhamuzi zithi isibalo salabo ababulawe empeleni singaphezu kokuphindwe kabili kulesi esibikiwe.

I-Premium Times ithole ukuthi imiphakathi ethintekile ingaphansi kwezigceme zase-Bakori, i-Kandarawa kanye ne-Jargaba okungenye yezindawo ezibhekane nobunzima bokuhlaselwa abashokobezi esifundazweni.

Umholi womphakathi esigodini saseGuga, uthe ngoMsombuluko izidumbu ezingu-72 zilandwe zangcwatshwa kusukela ngeSonto ebusuku.

“Babalelwa ku-102 abantu bethu asebebulewe, kodwa ezigcemeni ezintathu zaseGuga, i-Kakumi ne-Kandarawa singcwabe abantu abangu-72.”

“Asikwazanga ukukhipha ezinye izidumbu ngoba iningi lazo sezibolile, kodwa laba ababelandela abashokobezi ehlathini babulewe futhi asikwazanga ukuhamba njengoba abashokobezi besacathama”.

Uqhube wathi ababulewe kubalwa abaqaphi kanye nezinye izakhamuzi ezazinikela ngokulandela abashokobezi. 

Uphinde wathi amanye amalungu omndeni azamile ukuxhumana nezihlobo zabo ngomakhalekhukhwini, kodwa abashokobezi ibona ababamba izingcingo.

“Abazange bathumbe noyedwa wabo. Abawathumbi amalungu aqaphile ngokushesha.”

Isakhamuzi somphakathi wase-Kakumi, uNajibu Aminu utshele i-Premium Times ngomakhalekhukhwini ukuthi lesi sibhicongo sidale ukwethuka kubahlali.

“Inkinga ukuthi asinazo izikhali ezanele zokuzivikela ngoba amaphoyisa nohulumeni bathathe izikhali zethu egameni lokuthula.”

“Abantu bakithi sebehlalele ovalweni ngenxa yalokhu okwenzekile. Kwazi bani ukuthi kuzokwenzekani ezinsukwini ezimbalwa ezizayo ngoba abanye abashokobezi babulewe ngesikhathi kuliwa, ngakho nginesiqiniseko sokuthi bazohlela ukubuya bezohlasela ngendlela eyingozi kakhulu.”

Umholi welinye lamaqembu aqaphile naye obeyingxenye yalolu dlame, utshele i-BBC Hausa ukuthi abashokobezi babehlule ngoba bebehlome kangcono.

“Banezikhali eziningi kunathi. Uyazi izibhamu zincane njengoba bephethe ama-AK 47 futhi bebebaningi kakhulu kunathi. Sizamile ngakho konke okusemandleni salwa izinsuku ezimbili ngaphandle kosizo lonogada endaweni.”

Izihloko zakamuva