Siyanda esokukhulelwa kwentsha eKZN

Celani Sikhakhane

Isibalo sokukhulelwa kwentsha KwaZulu-Natal sinyukile eminyakeni edlule sisuka ku-18 000 ngo-2019 saya ku-21 000 nyakenye.

I-National Freedom Party (NFP) Youth Movement isinxuse uhulumeni ukuthi asungule ikhomishini ezophenya ngembangela enkulu yokwanda kwesibalo sokukhulelwa kwentsha.

Ngokombiko we-Stats SA, zingaphezu kuka-5 500 izingane eziphakathi kweminyaka eyishumi kuya kwengu-14 ezibelethe izingane KwaZulu-Natal, e-Eastern Cape, eGoli, e-Limpopo kanye nase-Western Cape ngonyaka wezimali ka-2019-20.

Lezi zibalo ezishaqisayo zenze uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi nezeMpilo KwaZulu-Natal, abaholi bomdabu kanye nezinhlaka ezivikela izingane namaphoyisa ukuthi baphenye ngalolu daba.

UMengameli wesikhashana we-NFP Youth Movement, uMnu Mlungisi Mncube, udalule ukuthi miningi imizamo ebiyenziwa yokulwa nalesi sihlava kodwa kubukeka sengathi iyehluleka.

“Sinenkinga ngesakhiwo somndeni esibhidlikile. Izingane zizithola zikhulela endaweni enobuthi ngenxa yokuthi abazali abekho empilweni yalezo zingane.

“Yingakho sikholelwa ukuthi ukungenelela kukahulumeni kuyadingeka kakhulu ukubhekana nalesi simo esibucayi. Isibonelo nje ukuthi ukuqashwa kosonhlalakahle ezikoleni kungasiza ekutheni labo abasebasha babe nomuntu abangakhuluma naye.”

I-NFP Youth Movement ikholelwa ekutheni ukusungulwa kwekhomishini ezophenya ngale nkinga kungase kusize nohulumeni ukuthi aqhamuke nezixazululo ezifanele ngoba ukuhanjiswa kwejazi lomkhwenyana ezikoleni kubukeka kubhuntshile.

Umholi weNdabuko, iNkosi uNne Mpungose, ongaphansi koMkhandlu weNdabuko kwaMpungose, oLundi, uthe kusengumthwalo wabazali ukuqondisa izingane zabo ngezempilo nokukhulelwa.

“Amalungu omphakathi awasenandaba nezingane. Asola uhulumeni,” esho.

“Kunenkolelo yokuthi intsha yenza ucansi ngaphandle kwejazi lomkhwenyana, futhi lokhu kubangela izinga eliphezulu lokutheleleka ngesandulela ngculazi phakathi kwentsha.”

UMbhishobhi uMoses Sibiya we-Zululand Local Community Forum uthe abafana abancane kumele bafundiswe ngokusebenzisa ijazi lomkhwenyana njalo uma benza ucansi.

Scrolla World Cup Quiz