
Kamogelo Olaitan
Leli sonto kugujwa usuku lukaZwelonke Lokuvikelwa Kwezingane futhi izibalo ziyaqhubeka nokukhuphuka okukhombisa ukuthi izingane eNingizimu Afrika zisengozini kakhulu zibhekene nokubulawa nokuhlukunyezwa.
Izihloko zezindaba ezweni lonke zigcwele izindaba ezidabukisayo zokuhlukunyezwa kwezingane futhi kaningi ezandleni zalabo okumele bazivikele.
Ezinye zezingane zizithola ziphakathi kwezingxabano zomndeni futhi zigcina seziyizisulu zabazali bazo.
NgoNhlolanja amaphoyisa e-SAPS akhiphe izibalo ezikhombisa ukuthi zingu-352 izingane ezibulewe phakathi kukaNcwaba noZibandlela nyakenye.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uphinde wadalula ezishaqisayo zokuthi ukwanda kokubulawa kwezingane kunyuka ngo-31.7% unyaka nonyaka.
Ngesonto eledlule izelamani ezintathu zakwaRatanda zidliswe ushevu zabulawa ubaba wazo njengoba ebengabaza ukuthi omunye wabo ungowakhe.
Kwenzeka lokhu nje sekuphele amasonto amabili isidumbu sikaBontle Mashiyane esesonakele sitholakale silahlwe emgodini okusolwa ukuthi umakhelwane wakhe nesoka lakhe. Baboshiwe kanti balinde ukuvela eNkantolo ngokuzayo.
Esigodini sase-Manyatseng e-Free State umfana oneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala ulwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kokuba ugogo wakhe oneminyaka engu-51 ubudala esolwa ngokumgwaza amanxeba amaningi ngemuva kwengxabano.
NgoLwesibili umama oneminyaka engu-26 ubudala waKwaZulu-Natal uboshelwe ukuklinya usana lwakhe elinonyaka lwaze lwashona kanye nokudlisa indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye ushevu.
Kusona lesi sifundazwe kushone uThobani Khambule obeneminyaka engu-13 wase-Mbazwane ikhanda lakhe latholakala ngaphakathi ethoyilethi lomgodi kude.
Akekho owaziyo ukuthi kungani umfana ebulawe ngesihluku esingaka ngesikhathi izwe ligubha isonto lokuvikela izingane.
Isikhulu esiphezulu se-Save the Children uSteve Miller sithe inhlangano ishaqekile ngokubulawa kwezingane okungenangqondo nokwanda kwemizamo yokubulawa kwezingane.
“Ingane ngayinye kulezi ezibulewe zaphucwa ithuba lokuphila zaphucwa ikusasa lazo futhi lokhu kushiya imindeni ikhungathekile. Ukubulawa nje kwengane eyodwa kuletha ubuhlungu.
“Ukuhlukunyezwa kwezingane akufanele kubekezelelwe. Kufanele sisebenzele ukuqinisekisa ukuthi azikho izingane ezibulawayo ezweni lethu ngonyaka ozayo,” kusho uMiller.
Ubani ongamshayela ucingo uma udinga usizo?
Ukuze ukhulume nosonhlalakahle nganoma iluphi usizo noma ukwelulekwa ungashayela inombolo yamahhala ethi-0800 428 428 noma ushayele u-*120*7867# (mahhala) kunoma imuphi umakhalekhukhwini ukuze uthole umyalo.
Inombolo ye-Childline South Africa ithi-0800 055 555
Inombolo ye-Child Welfare South Africa ithi-0861 4 CHILD (24453) / 011 452-4110 / noma ushiye umyalezo kwi-imeyili ethi- [email protected]
Kanti ungashayela ne-Teddy Bear Clinic: 011 484 4554