Siyagxekwa isenzo sikaShawn Mkhize sokudlalisa imali phambi kwabantu abathwebula izithombe

Menzi Magubane

Imali akusiyo into eyinkinga eqenjini le-Royal AM, njengoba umholi weqembu uShauwn Mkhize kanye nendodana yakhe u-Andile Mpisane kungekho abakusabayo ngokusebenzisa imali.

Kwividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko, kuvezwa uMpisane ephethe izimvilophi ezinkulu ezimbili ebezigcwele imali engama-R200 ngemuva komdlalo weqembu kwi-DSTV Premiership lidlala neMaritzburg United ngeSonto.

Ngemuva kokuwina, uMpisane uvele bukhoma kumabonakude ekhokhela abadlali i-bonus.

Akunaphutha, anginankinga ngendlela abantu abayidla ngayo imali yabo, kodwa ngiyakhathazeka ngendlela abenza ngayo.

UMkhize unemali futhi wonke umuntu uyakwazi lokho. Kodwa kukho konke lokhu akwenzile ubebukisa. Izinkundla zinamagumbi okushintshela namanye amagumbi acashile okufanele ngabe bawasebenzisile.

Kubukeka ngathi isinqumo sokuthatha ividiyo ngesikhathi abadlali bethola imali, inhloso bekuwukukhonjiswa indlela uMkhize acebe ngayo, hhayi ukusebenza kanzima kwabadlali.

Ividiyo ikhombisa abadlali behlazekile ngesenzo sikaMpisane. Abanye abadlali bayazwakala kwividiyo betshela uMpisane ukuthi akenze lokhu kwenye indawo, angakwenzi phambi kwabantu nalaba abathwebula izithombe.

Kodwa ukuthwebulwa kwezithombe mhlawumbe bekuyinhloso yakhe uMpisane ukuba abonakale.

NgoLwesithathu oludlule, iqembu le-Democratic Alliance(i-DA) ligxeke isinqumo senkantolo sokuxhasa iqembu ngemali eyizigidi ezi-5,25 zamarandi iminyaka emithathu, kanti iqembu le-DA liphikise lokhu ngesizathu sokuthi uMkhize unemali yakhe ngakho-ke angakwazi ukuxhasa iqembu lakhe futhi umasipala udlala ngemali yabantu abakhokha intela.

Lokhu akumsizanga ngalutho ngoba ividiyo yakhe ngesikhathi ekhipha imali eningi ebukisa ivele esidlangalaleni.

Lesi senzo sigxekwe ilungu lenyunyana yaseNingizimu Afrika yabadlali bebhola uCalvin Motloung.

“Lokhu kumele kugxekwe emaqenjini wonke,” kusho uMotloung etshela i-Kickoff.com.

“Abakwenzile kukhombisa ukudelela abadlali kanye neligi. Baphinde babeke impilo yabadlali engcupheni ngoba lokhu kungaholela ekutheni abadlali balandelwe izigebengu.

“Lokhu akuyisizi ngalutho iligi njengoba iwumkhiqizo emhlabeni wonke. Angazi kungani engalindanga ukukhokhela abadlali emagumbini okushitsha.”

Izihloko zakamuva