Dylan Bettencourt
Iziphathimandla zase-Norway zithathe isinqumo sokuvalela i-walrus enkulu esiphenduke into eheha izivakashi ezweni laseYurophu.
UFreya okuyisilwane sasolwandle esinesisindo esingu-600kg, safudukela eningizimu sisuka e-Arctic kanti siheha inqwaba yezivakashi nsuku zonke. Kodwa-ke abaphathi bendawo basabela ukuthi uFreya uzoheha izivakashi ezizonqaba ukulandela imiyalelo yokuthi zingasondeli kakhulu kuye.
Izishoshovu zamalungelo ezilwane zicasulwe ukuthi iziphathimandla zikhethe ukuvalela lesi silwane nokuthi labo abangayilandeli imithetho kumele bakhiphe inhlawulo.
Ama-Walrus avame ukuhlala emanzini ambozwe yiqhwa kodwa uFreya uvame ukubonakala ezulazula ogwini lwaseBrithani, e-Denmark kanye nase-Netherlands.
UFreya okukholakala ukuthi uneminyaka emihlanu ubudala, ubevame ukubonakala elele ezikebheni kwesinye isikhathi aze azicwilise. Ubephinde abonakale ejaha namadada emanzini.
Iziphathimandla ziqale ukukhathazeka ngesikhathi uFreya eqala ukuheha abantu abaningi kuhlanganisa nezingane eziningi. Abanye abantu baze bangene emanzini babhukude eduze noFreya.
Iziphathimandla zendawo zikholelwa ekutheni izixuku zivame ukuzifaka engozini ngokugcona uFreya nokumenza agcindezeleke. Ukuhlasela kwama-Walrus akuvamile kodwa kuyenzeka.
Umnyango wezokudoba e-Norway uxwayise ngokuthi uma abantu bengadlaleli kude noFreya, lesi silwane kuzofanele sisuswe endaweni – kodwa umphakathi usishaya indiva isexwayiso.
“Isinqumo sokuvalelwa kwe-walrus senziwe ngokusekelwe ekuhloleni okuphelele kokuqhubeka kosongo ngokuphepha kwabantu. Umphakathi usishaye indiva isexwayiso sokuthi ungasondeli ngebanga elithile kwi-walrus,” kusho uMqondisi Jikelele wezokudoba e-Norway uFrank Bakke-Jensen ngokombiko we-The Times.
“Ngakho-ke, uphiko lokuqondisa luphethe ngokuthi amathuba okuthi kulimale abantu aphezulu kakhulu futhi inhlalakahle yezilwane ayigcinwa.”
Uphinde wachaza ukuthi inqubo yokufudukisa lesi silwane ibizogcindezela isilwane kakhulu, futhi lokho bekungase kuholele ekutheni sife.
Umthombo wesithombe: @Bloomberg