Sisola ‘ukuthandana’ nonebala isangoma esiphanjanelwe izinto 

Azimuhambeli kahle izinto uMable Mhlanga oyisangoma njengoba impilo yakhe yezothando ixabana nebhizinisi lakhe okumenze wagcina esecela usizo kubantu.

UMhlanga (42) uthe selokhu ahlangana nesoka lakhe elinebala elimhlophe uTiaan Vos (20) izinto azimuhambeli kahle. 

UMhlanga uthe usola ukuthi amadlozi akalithandi isoka lakhe, kodwa abakaze baxhumane naye noma beze ngisho emaphusheni akhe njengophawu lokuthi abamthandi.

Uthe sekuze kwaphoqeleka ukuthi acele kubantu usizo ngoba njengoba ibhizinisi lakhe lingahambi kahle ayikho imali ayenzayo, kubika i-Daily Sun.

Uthe amakhasimende akhe asembalwa selokhu aqala ubudlelwano bakhe obusha.

“Abafikayo bayahluleka ukukhokha,” kusho uMhlanga.

UMhlanga uthe uyabathanda abantu kwesinye isikhathi ubelapha mahhala.

Uphinde wathi yize kungenzeka ukuthi amadlozi akhe awaxhumani naye ngesoka lakhe elisha, kodwa akanazo izinhlelo zokuhlukana nalo.

“Ngiyamthanda futhi angizimisele ngokuhlukana naye maduze,” kusho uMhlanga.

Umama wezingane eziyisithupha uphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni yezingane zakhe ezintathu kuphela. Ngonyaka odlule uthe wenza umsebenzi wokujabulisa idlozi lakhe, kodwa namanje amakhasimende akhe awabonwa.

UMhlanga wengeze wathi amadlozi amcela ukuthi awahlabele inkomo, kodwa ngaphandle kwemali kunzima ukuthi akwenze.

Lesi sangoma sithe nakuba singakholwa ukuthi amadlozi aso  adiniwe, kodwa sisola ukuthi abantu banomona ngobudlelwano babo.

“Kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi uyena yini inkinga. Sijabule futhi siyathandana nomlungu wami inkinga akekho kuthina onemali,” kusho uMhlanga 

UVos uthe uyamthanda owesifazane wakhe futhi uzimisele ngokufa naye. Akasebenzi, kodwa ufuna umsebenzi.

Lezi zithandani zihlela ukushada ngokusemthethweni eMnyangweni wezaseKhaya ngoNhlolanja. Bacela usizo ukuze bakwazi ukwenza umgubho womshado wabo ube impumelelo. 

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Esithombeni esingenhla: UMable Mhlanga noTiaan Vos

Umthombo wesithombe: Daily Sun

Izihloko zakamuva