Sisobishini isikhulu esichame enkundleni 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Inhlangano yebhola likanobhutshuzwayo e-Nigeria (NPFL) ihlawulise iqembu elidlala esigabeni sokuqala i-Shooting Stars u-N500,000 (R20,000) ngemuva kokuba esinye sezikhulu zayo sichamele enkundleni ngaphambi komdlalo.

Obhekelela ikhempu yeqembu, u-Auwal Mohammed uthathwe izithombe echama ngaphambi kokuqala komdlalo wabo ne-Akwa United ngeSonto kanti isithombe sakhe sisabalele yonke indawo.

Ikomidi labaphathi besikhashana be-NPFL limise isikhulu kuyo yonke imisebenzi ehlobene neligi unyaka owodwa, latshela iqembu ukuthi lesi senzo sinikeza imidlalo igama elibi.

“Uhlulekile ukulawula ukuziphatha kwezikhulu zakho okuholele ekutheni uMnu Auwal Mohammed achame enkundleni kugcwele abalandeli,” kusho lolu phiko esitatimendeni salo.

“Ngakho-ke, i-NPFL inikeze iqembu lemiyalelo elandelayo: 

a) Inhlawulo engango-N500,000 ngokufaka lo mdlalo ehlazweni kanye nokwehluleka ukulawula ukuziphatha kwesikhulu sakho.

“b) Umyalo omisa u-Auwal Mohammed kuyo yonke imisebenzi ehlobene ne-NPFL isikhathi esingangonyaka uzosebenza ngokushesha.

“c) iqembu le-Shooting Stars kumele lithathe izinyathelo ezifanele ukuvimbela ukuthi umkhuba ofuze lona ungaziphindi.”

Osesithombeni esingenhla: U-Auwal Mohammed okusabalale izithombe zakhe echama enkundleni

Umthombo wesithombe: @instablog9ja

Izihloko zakamuva