Dylan Bettencourt
Kugxekwa ukuziphatha budlabha komdlali weMan United uCristiano Ronaldo ngemuva komdlalo wabo ngoMgqibelo.
I-Manchester United ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni ibhekene ne-Everton.
Ngesikhathi uRonaldo ebheke emhubheni obuzungezwe abalandeli be-Everton abebenethemba lokuthola isithombe naye lo mdlali obebonakala ecasukile futhi ephoxekile uvele wabhoka ngolaka wachiliza umakhalekhukhwini esandleni somlandeli omncane.
Ukwenza izinto zibe zimbi kakhulu lo mlandeli useyingane futhi uhlushwa i-autism kanti lona bekuwu umdlalo wakhe wokuqala esenkundleni.
Umama kaJake Harding uthe indodana yakhe ilimele isandla kulandela lesi sigameko futhi akazi ukuthi lesi simo sizoyiphatha kanjani.
“Uphatheke kabi kakhulu angiboni ukuthi uyophinde abuyele enkundleni. Lona bekungumdlalo webhola wokuqala asaye kuwo futhi manje kubi kakhulu njengoba sekwenzeke lokhu,” etshela i-Liverpool Echo.
“Sibe nosuku oluhle kakhulu enkundleni ngaphambi kokuthi kwenzeke lesi sigameko.” usho kanje.
URonaldo usezithobile waxolisa kwi-Instagram futhi wanika uJake ithuba lokuvakashela e-Old Trafford ukuyobuka umdlalo we-Manchester United.
“Akulula neze ukubhekana nemizwa ezikhathini ezinzima njengalesi esibhekene naso. Noma kunjalo kufanele ngaso sonke isikhathi sihloniphe sibe nesineke futhi sibe isibonelo kubo bonke abantu abasebancane abathanda umdlalo webhola,” ebhale kwi-Instagram.
“Ngithanda ukuzithoba ngixolise ngokucasuka kwami nginesifiso sokuthi uma ukuxolisa kwami kwamukeleka ngingathanda ukumema lo mlandeli ukuthi azobuka umdlalo e-Old Trafford njengophawu lokuxolisa nokuzisola.”
Amaphoyisa ase-Merseyside avule uphenyo ngalesi sigameko.
Akukhona okokuqala uRonaldo evukwa ulaka kule sizini. Uhlasele umdlali we-Liverpool uCurtis Jones ngesikhathi somdlalo wakhahlela ibhola kanzima kuye wambamba ngesidlozana.
Ngaphezu kwakho konke, le isizini yakhe enhle yokufaka amagoli. Useshaye amagoli angu-18 emidlalweni engu-34, kodwa i-Manchester United ibe nesizini enzima kakhulu futhi bajwayele ukusola yena ngamaphutha abo.
Umthombo wesithombe: @talkSPORT