Sisobishini isiboshwa esiphendule izingubo zasejele ezemfashini

Everson Luhanga

Indawo Yokuhlunyeleliswa Kwezimilo yase-St Albans e-Mpumalanga Kapa ineziboshwa eziningi, kodwa sisodwa esivele sagqama!

Ngemuva kokuthi esinye isiboshwa  sithumele izithombe zezingubo zaso zasejele ezithungwe kahle ezinkundleni zokuxhumana sidonse abalandeli abaningi.

Ususe umsindo kangangoba waze wadonsa amehlo aboMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo abasabisa ngokunezela amacala akhe nangokuba nomakhalekhukhwini ejele.

Kubonakala sengathi ukuthunga umfaniswano osawolintshi wezaphula-mthetho ukuze kubukeke kukuhle futhi nokuthumela izithombe ezinkundleni zokuxhumana kungqubuzana nenqubomgomo yomnyango.

Izingubo ezisawolintshi ezikhanyayo ekuqaleni zibukeka njengeyunifomu yeziboshwa ezivamile, kodwa umuntu obukele uzobona ngokushesha ukuthi ihlotshiswe ngamaphethini amahle futhi yenzelwe ukumlingana.

Isiboshwa esingeke sidalulwe, sagwetshwa iminyaka engu-23 ngo-2014 ngamacala okugebenga, ukuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu.

Ngesikhathi kuvela izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana, abesifazane abaningi bathi akakhululwe. Abanye bebehlekisa ngokuthi amaphoyisa akakwazi ukumgquma ejele ekubeni kumele azonandisa ngaphandle.

Lezi zithombe ezisabalele zidonse amehlo ezikhulu zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ezilandele umkhondo zaphinde zahlonza isiboshwa.

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnu Singabakho Nxumalo uthe uMnyango ushaqe umakhalekhukhwini osetshenziswe isiboshwa ukuveza isithombe saso ezinkundleni zokuxhumana.

“Isiboshwa esihlonziwe siboshelwe e-St Albans Correctional Facility e-Eastern Cape kanti sithuthelwe ophikweni lwe-Special Care ngenhloso yophenyo futhi sizothweswa icala ngokusemthethweni,” kusho uNxumalo.

UNxumalo uthe omakhalekhukhwini abavumelekile ezikhungweni zabo, ingakho ukungena nokuwasebenzisa kuyicala eliyisijeziso.

“Umnyango uthukuthele kakhulu ngalokhu kuziphatha futhi kuzoba nezinyathelo eziqinile nemiphumela,” kusho yena.

Khonamanjalo inhlangano elwela amalungelo eziboshwa i-South African Prisoners Organisation for Human Rights (Sapohr) ithe ikobonile lokho ekubize ngokuthi umbukiso wemfashini wokuzenzela. 

UGolden Miles Bhudu okhulumela i-Sapohr kuzwelonke uthe bayasigxeka isenzo sesiboshwa esikhombisa ukungakhuli ngokomqondo esiphendule izingubo zasejele imfashini.

Izihloko zakamuva