Sishubile isimo e-Diepsloot

Everson Luhanga

Sishubile isimo eDiepsloot Extension 1 ngemuva kokudutshulwa kwabantu abayisikhombisa kwathi abangu-14 balimala ngempelasonto.

NgoLwesibili amalungu omphakathi amashile aya esiteshini samaphoyisa eyothula incwadi yezikhalazo zawo. Kamuva bebebhikisha beshisa amathayi befuna ukuthi amaphoyisa abonakale kuleli lokishi eligcwele izinkinga.

Umholi womphakathi uMaki Ramogopa uthe phakathi kwabantu ababulawe ngoMgqibelo kukhona nentombazanyana (11) nonina wayo.

URamogopa (58), uthe owesilisa obesendlini ulimale kanzima kanti usesibhedlela.

“Sibe nezigameko zokubulawa kwabantu ezingaphezu kwezingu-15 ngoNdasa kuphela,” esho.

“Abantu bebengena ezindlini befuna omakhalekhukhwini nemali. Uma bengatholi lutho, bayakubulala. Bebesebenzisa izibhamu, imimese kanye nocelemba.” usho kanje.

URamogopa uthe akukho muntu ophephile elokishini njengoba izigebengu zigasela ezindlini nasemasontweni imbala.

Iphoyisa ebelisebenza kulesi siteshi eselithuthelwe kwesinye isiteshi lithe kunzima ukuqapha e-Diepsloot ikakhulukazi e-Extension 1.

“Kunzima kakhulu futhi kuyingozi ukuthi amaphoyisa asebenze lapho,” esho

“Izindlela ezidlula phakathi kwemijondolo zincane futhi awukwazi ukushayela imoto kuzo. Kanti noma ungena ngemoto awukwazi ukujika. Kumele uhlehle ukuze uphume.”

Omunye umholi womphakathi, uTshepo Manabile, uthe uNgqongqoshe wamaphoyisa uthembise ukuthi uzoletha ithimba lamaphoyisa i-Tactical Response Team (TRT) endaweni ngemuva kokushuba kwesimo.

“Asikaze siwabone amaphoyisa ethimba elisebenza ngobuchule. Esikubonayo yiveni eyodwa noma amabili aqaphile,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli, uBrigadier Brenda Muridili, uthe amaphoyisa amasha awazange afakwe kwa-SAPS ngenxa ye-Covid-19, nokwenze kwaba nzima ukufaka amaphoyisa amasha endaweni.

Uthe abahlali bacele ukuthi kwengezwe izinsiza zamaphoyisa e-Diepsloot eminyakeni emibili edlule.

“Ngemuva kokuthi abaphathi bakwa-SAPS behlangene nomphakathi kube nezinguquko, i-TRT yajutshwa lapho izinyanga ezimbalwa futhi indawo yasimama kuze kube manje,” kusho uMuridili.

Scrolla World Cup Quiz