Lubhalwe nguLungani Zungu
Oyisishoshovu somphakathi esiqavile eMlazi, uMnu Musawenkosi “Cobra” Ngcobo usekubhaceni ngemuva kokushiswa komuzi wakhe ngabantu abangaziwa ngoMgqibelo ebusuku.
UNgcobo (49) osekuphele amashumi eminyaka elwela ukuhlinzekwa kwezidingongqangi uthole izinsongo zokubulawa ngemuva kokuhola uchungechunge lwamamashi ebheke ehhovisi lekhansela.
Akekho olimalile, kodwa lesi sigameko sishiye umndeni kaNgcobo wesabela impilo yakhe.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa lapho ebhace khona uNgcobo uthe: “Ngiyazi ukuthi abasezikhundleni eziphezulu bafuna ukungibulala ngoba ngimelana nabo ekutheni kulethwe izidingo kubantu endaweni.
Elandisa ngesigameko esicishe sambulala uNgcobo, uthe bekuyihora lesishiyagalolunye ebusuku ngesikhathi umuzi wakhe uqhunyiswa ngebhomu.
Kuthiwa abashise umuzi bame ngaphandle imizuzwana ngaphambi kokuthi bahambe ngesivinini esiphezulu ngemoto ingenazo izinombolo ngesikhathi umphakathi uzwa umsindo.
UNgcobo uthe uqoqele umndeni wakhe ekamelweni elilodwa wabiza omunye womakhelwane bakhe.
Igumbi elilodwa lokulala lishisiwe elinye labhidlika kancane.
UNgcobo uvule icala wabaleka nomndeni wakhe washiya indlu abesehlale kuyo iminyaka engaphezu kwamashumi amane.
Ngaphandle kokudalula amagama uNgcobo uthe uyazi ukuthi abantu ababefuna abulawe basezikhundleni zikahulumeni.
“Angibaleki ngifuna kuphephe umndeni wami kuqala ngemuva kwalokho ngibuyela emzabalazweni futhi,” etshela i-Scrolla.Africa.
Phakathi kwezinto eziholele ekutheni uNgcobo ahlele amamashi ukungabibikhk kwamanzi kubantu abahlala emijondolo.
I-Scrolla.Africa sivakashele kwaNgcobo esigcemeni sakwa-U eMlazi safica kungekho muntu ngaphandle komakhelwane, abanqabile ukukhuluma ngoba besaba ukuhlaselwa.
“Isimo sishubile lapha njengamanje kulandela okwenzeke kuNgcobo ngoMgqibelo. Ngokulandelayo bazoqala basibulale,” kusho umakhelwane ongathandanga kudalulwe igama lakhe.
Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko athi uphenyo lusaqhubeka.
Esithombeni esingenhla: Umuzi wesishoshovu somphakathi uMusawenkosi Ngcobo
Umthombo wesithombe: ULungani Zungu