Lungani Zungu
Kubikwa ukuthi kulimale abasebenzi ababili bakwa-Transnet abebetelekile e-Bloemfontein ngemuva kokuthi amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi ngoLwesibili ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sokwenyuselwa imiholo.
Abasebenzi kuwo wonke amachweba akwa-Transnet ngaphandle kwase-East London balaxaze umsebenzi ngesonto eledlule befuna ukunyuselwa imiholo phakathi kuka-12% no-13%.
Abakwa-Transnet bathi bazokwenyusa imiholo ngo-3% kanti lokho abasebenzi bakubize ngenhlamba.
NgoLwesibili, i-United National Transport Union (Unto) kanye ne-South African Transport and Allied Workers Union (Satawu) babe nomhlangano nabaphathi abaphezulu benkampani.
Kodwa-ke, umhlangano uphele ngenye indlela ngemuva kokuthi izinhlangano ezilwayo zehluleke ukuthola isivumelwano.
Le mihlangano iholwa iKhomishini yokuBuyisana, ukuLamula kanye nokwaHlulela (CCMA).
Omunye umhlangano uhlelelwe uLwesithathu.
I-Satawu isichithile isiphakamiso esibuyekeziwe sakwa-Transnet esiphakathi kuka-4.25 no-5%.
“Ezingxoxweni lezi zinhlangothi zicubungula esinye isiphakamiso futhi zizophinde zihlangane ngoLwesithathu ngomhlaka-12 kuMfumfu ukuze kuqhubeke lolu hlelo,” kusho isitatimende sakwa-Transnet.
Abasebenzi baphinde bavumelana ngemithetho yesiteleka kanye nezindawo, kusho i-Transnet.
Amaphoyisa abeqaphe abasebenzi abatelekile ngeso lokhozi echwebeni laseKapa.
UMasipala waseKapa okhathazekile ngezigidigidi zamarandi kanye nezinkulungwane zemisebenzi esesimeni esibucayi, uye wangenelela wanxusa abasebenzi ukuthi babuyele emsebenzini.
“Siyavuma ukuthi abaphathi bechweba bayalusebenzisa uhlelo lokuqhubeka nebhizinisi njengoba isiteleka sisaqhubeka. Lokhu kusiza ukuthi kwenzeke okuthile echwebeni, kodwa alikwazi ukusebenza ngokugcwele,” kusho ii-MMC ye-Economic Growth u-Alderman James Vos esitatimendeni.
Ulinganise ukuthi isiteleka singadla umnotho osuvele untengantenga phakathi kuka-R6billion no-8billion usuku ngalunye.
UNobhala Jikelele we-SAFTU uZwelinzima Vavi uphonsele inselelo abasebenzi abebetelekile.
UMnu Thulas Nxesi onguNgqongqoshe wezokuQashwa nezabaSebenzi naye ungenelele ezingxoxweni zokubuyisana phakathi kwe-Transnet nezinyunyana ngoMsombuluko.
Kodwa nalokhu kuhlulekile ukwenza isivumelwano phakathi kwabasebenzi ne-Transnet.
Isithombe esingenhla: Abasebenzi bakwa-Transnet abatelekile
Umthombo wesithombe: @KatlegoLegodi