Engxenyeni yaseMlazi esigcemeni sakwa-C kuWadi 81 eThekwini, isakhamuzi uZamokuhle Ngcobo uthe uyavota ngoba badinga ikhansela elizolalela libhekane nezinkinga zabo.
“Asifuni umuntu ongeke ekwazi ukuletha izidingo emphakathini,” utshele abakwa-Scrolla.Africa.
“Sisadinga umuntu esizokhala kuye,” uyasho.
Uthe basenezinkinga zemigodi futhi abanazo izindlela zokuhamba.
“Ngezinsuku zemvula kuba khona amanzi yonke indawo.
“Udoti awuqoqwa kahle, uyanezela ezinkingeni,” kusho uZamokuhle ngemuva kokuvota.
Kuwadi 84 Engonyameni ngaphandle kwaseMlazi, izakhamuzi zitshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi okubakhathaza kakhulu ngamanzi.
“Kufakwe amapayipi, kodwa awekho amanzi ahambayo.
“Sithola amanzi ngamaloli athwala amanzi,” kusho uAyanda Mpanza, oneminyaka engama-29. Uthe badinga nesibhedlela, isiteshi samaphoyisa, imigwaqo nogesi.
“Kwesinye isikhathi kufanele siphile ngaphandle kukagesi izinsuku,” uyasho.
Bekunokhetho lokuchibiyela lwama-95 obelubanjwe ezweni lonke kwase kuthi izihlalo eziyi-12 zase-KZN ezine kwaba nguMasipala weTheku ngezihlalo ezimbili ezivela ku-DA naku-ANC.
USihlalo we-ANC e-KZN uSihle Zikalala ngesonto eledlule uthe unesiqiniseko sokuthi i-ANC izonqoba ngamalengiso ngenkathi kwamukelwa amalungu amasha angama-84 avela ku-IFP kanye ne-Abantu Botho Congress e-Greytown kubalwa namalungu ayeke i-ANC phambilini.
UMashinini uthe i-IEC isebenzisa lolu khetho lokuchibiyela ukuvivinya ukhetho oluzayo lohulumeni basekhaya lonyaka wezi-2021.
“Sibheke ukuthi iziteshi zethu zokuvota ezindaweni ezisemakhaya nezasemadolobheni zisebenza kanjani ngaphansi kwemibandela ye-Covid-19.
“Uma kuza ukhetho olukhulu ngonyaka ozayo sizokwazi ukuthi yini okumele siyilungise,” uyasho.