Arthur Greene
Umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika usucele usizo olukhulu emphakathini ngemuva kokudutshulwa kwamaphoyisa amahlanu – amathathu kuwo abulawe ezinsukwini ezintathu.
Esitatimendeni sabezindaba esithunyelwe ngeSonto, i-SAPS inxuse “ukubambisana okukhulu emphakathini ngokuhlanganyela ngokugcwele ekulweni nobugebengu ukuze kuqedwe isihlava sokuhlaselwa nokubulawa kwamaphoyisa.”
Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa elingusayitsheni KwaZulu-Natali ngeSonto ekuseni kanti uzakwabo uthole imihuzuko enzima ngemuva kokuthi abasolwa abahlanu bevulele ngenhlamvu bebhekise kubo.
Lesi sigameko sokudubula senzeke ku-N2 phakathi kwaseMtubatuba naseMpangeni, senzeke ngemuva kokuthi i-Flying Squad yaseMpangeni ibone imoto ebukeka isolisa emgwaqeni onguthelawayeka base bakhetha ukusondela kuyo.
“Abasolwa abathathu balimele kabi kanti amaphoyisa asehlanganise izinsiza kanye namanye amaphoyisa embuthweni owehlukene esifundazweni ukuze kuboshwe abasolwa ababili ababaleke endaweni yesigameko,” kusho isitatimende.
NgoMgqibelo kudutshulwe izimemba ezimbili zombutho we-SAPS e-Gauteng ezigamekweni ezahlukene.
USergeant oneminyaka engu-45 udutshulwe wabulawa ngesikhathi elandela icala lokubulala ehostela lase-Reiger Park.
Uhlaselwe emotweni yakhe iqulu labesilisa abangaziwa, bamdubula amahlandla amaningi.
Khonamanjalo iphoyisa lidutshulwe lalimala ngesikhathi lihambele izikhalo e-Freedom Park.
Amaphoyisa athi asehlanganise izinsiza ukuze kubanjwe abenze lezi zigameko zombili zokudubula, kodwa abasolwa basagcwele izinkalo.
Iphoyisa lesithathu lidutshulwe labulawa ngesikhathi kunesigameko sokudubulana eMpumalanga ngoLwesihlanu.
USergeant oneminyaka engu-37, ubelandelela imininingwane yesigameko sokugebenga obekuhleliwe ngesikhathi edutshulwa esemzini wezivakashi endaweni yamaphoyisa e-Kabokweni.
Emuva kwalesi sigameko kuboshwe abasolwa abayisithupha kwashaqwa nezibhamu eziyisishiyagalombili.
Umphakathi usebenza njengamehlo nezindlebe zamaphoyisa ethu ekutholeni izigebengu,” ngokusho kwesitatimende esibhaliwe. Ngakho-ke kufanele babelane namaphoyisa nganoma isiphi isenzo sobugebengu abaziswe ngaso.
“Kumele babelane ngolwazi oluhlobene nobugebengu basebenzise lenombolo ye-Crime Stop Hotline ethi-08600010111 noma bafake i-MYSAPS App komakhalekhukhwini babo bama-android noma ama-smartphone.”