Celani Sikhakhane
Izingxoxo zemiholo eziqhubeke kwaze kwaba phakathi kwamabili ziholele ekutheni kuphele isiteleka sabasebenzi basemayini i-Sibanye-Stillwater esithathe izinyanga ezintathu.
Ezingxoxweni ebezibanjwe ngoLwesihlanu kuya kuMgqibelo, izinyunyana nabaqashi bagcine bevumelene ngokunyusa imiholo yabo bonke abasebenzi ngo-R3 000.
Lesi siteleka siqale ngoNdasa kanti sesilahlekisele abasebenzi ngezigidigidi zemiholo yanyanga zonke.
Lesi siteleka sidale ukuthi kuphazamiseke inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi kunomcimbi woSuku lwabaSebenzi e-Rustenburg, e-North West.
Kudingeke ukuthi uMengameli athathwe ngamaphoyisa abehlome ngezikhali ngeNyala.
Abasebenzi base-Sibanye-Stillwater bamphoqe ukuthi alungise udaba lwabo lwemiholo ngalolo suku.
IPhini likaMengameli omkhulu we-Sibanye-Stillwater, uJames Wellsted, ukuqinisekisile ukuthi kusayinwe isivumelwano sokuqeda isiteleka sezinyanga ezintathu esiqalwe i-National Union of Mineworkers (i-NUM) kanye ne-Association of Mineworkers & Construction Union (AMCU) mhla ziyisishiyagalombili kuNdasa. Cishe sandulelwe izinyanga eziyisishiyagalombili zezingxoxo.
“Isivumelwano semiholo bekumele sisayinwe mhla ziyisithupha kuNhlangulana ngemuva kokungenelela kwe-Commission of Conciliation, Mediation and Arbitration (i-CCMA). I-CCMA ibicelwe i-Sibanye-Stillwater,” kusho uWellsted.
Kulandela ukungenelela kwe-CCMA, izinyunyana zinikezwe igunya lokwamukela isivumelwano seminyaka emithathu sokunyusa imiholo ngo-R1,000 ngenyanga ngonyaka wokuqala bese ikhuphuka ku-R900/ngenyanga ngo-R750/ngenyanga onyakeni wesibili nowesithathu ngokulandelana.
Lokhu bekulingana nokunyuka okungu-6.3% kule minyaka emithathu, kanti ama-artisan nabavukuzi banyuselwe imiholo ngo-5%, u-5.5% kanye no-5% phakathi naleso sikhathi. Kodwa lesi sigaba sabasebenzi asizange sifakwe ohlelweni lwe-ex-gratia obeluhloselwe abasebenzi besigaba sesine kuya kwabesesishiyagalombili kuphela.
Ngenxa yalokho, i-NUM kanye ne-AMCU banqume ukungasisayini isivumelwano. Baphinde banxusa ukuthi kwelulwe imibandela yesivumelwano semiholo kwa-UASA ne-Solidarity, izinyunyana ezijoyine umfelandawonye we-NUM ne-AMCU ngaphambi kokwamukela isiphakamiso se-Sibanye-Stillwater.
Ezingxoxweni ezilandelile ngesonto eledlule, i-CCMA isabise ngokuhoxa kulolu hlelo, okuvuse ukwesaba kokuthi isiteleka semayini yegolide sizongena enyangeni yesine.
“Sinike abasebenzi nama-artisan imali engu-R3 000,” kusho uWellsted ngoMgqibelo. Izinyunyana zikwamukele ukuthi zonke izinyunyana zizoyithola imigomo emisha.