Lubhalwe nguZukile Majova
Angeke athandwe ibona bonke abantu uFikile Mbalula.
Abanye bebemthatha njengesahluleki emsebenzini wakhe njengoNgqongqoshe wezokuThutha nomsebenzi wakhe wokuba iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa.
Uke wabhekana nenkinga iminyaka emithathu ngesikhathi abashayeli bamaloli bevuke umbhejezana bewaduna bephinde bewashisa nezimpahla kuthelaweyaka u-N1 no-N3 befuna kuxoshwe abashayeli basemazweni angaphandle.
Ingqalasizinda yezitimela yaphela ezandleni zakhe okuholele abantu ku-Twitter ukuthi baguqule igama lakhe lesidlaliso elithi “Mr Fixit” bamubiza ngenhlekisa.
Njengamanje uNobhala Jikelele omusha we-ANC, ugcine esewutholile umsebenzi azalelwe wona.
Uyingcweti ekuhleleni amalungu angaphansi kwe-ANC.
Uphakamisa leli qembu elibusayo ngokwakhe.
Ungusomaqhinga wokuhlanganisa abantu abaningi futhi unguchwepheshe wamaqhinga.
Eminyakeni edlule i-ANC ibilokhu ihlulwa okhethweni ikakhulukazi ngenxa yokuthi amalungu ayo emazingeni amagatsha nezifunda abengaphumi ukuyokhankasela iqembu.
Izimpi zeqembu ziphule ubumbano lweqembu futhi zacekela phansi i-ANC ngesikhathi ssezinketho zokuchibiyela.
UMbalula uzimisele ukuletha ushintsho kuleli qembu.
Kuyikhono lakhe ukuguqula izinto ezinhlakeni ezahlukene kuKhongolose futhi okuzokwenza ukuthi amaqembu aphikisayo amince uma sekuvotwa.
Ngemuva kokukhethwa kwakhe uqale ngokuvakashela i-ANC esifundeni saseMzala Nxumalo enyakatho neKwaZulu-Natal ngemuva kwengozi edlule nemiphefumulo yamalungu abebuya engqungqutheleni ka-55 ye-ANC e-Nasrec.
Lokhu ukwenze yize lesi sifunda besiphumele obala ngokungamuvoteli yena kanye nohlaka oluholwa nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Njengoba ephethe izintambo eLuthuli House, i-ANC izongenela ukhetho kuzo zonke izigceme nokhetho lokuchibiyela.
Odume ngelikaMbaweezy ebizwa yintsha, kulindeleke ukuthi alwe ne-EFF ukuze awine izinhliziyo nezingqondo zabantu abasebasha abamnyama.
Njenge-pit bull entsha kaRamaphosa, uMbalula kulindeleke ukuthi le mpi ayidlulisele kulaba ababegxeka uMengameli abaphumele obala bathi akahoxiswe esikhundleni.
UMbalula usewafundele umthetho amalungu asePhalamende angahambisananga neqembu ngesikhathi kuvotwa ePhalamende.
“Uma ufuna kubuse owakho unembeza kumele uvule iqembu lakho lepolitiki, hhayi la. Lapha kubusa ngokwentando yeningi futhi kumele sikhombise ubumbano. Uyathanda noma ungathandi kumele sibambane,” kusho uMabalula ngemuva kwengqungquthela ye-ANC ngoZibandlela.
UMbalula waba neqhaza elikhulu ekufuneni uThabo Mbeki abuye ihlandla lesibili, wabamba elikhulu iqhaza ekuthatheni izintambo kukaJacob Zuma futhi usanda kusiza uRamaphosa ukuthi athathe ihlandla lesibili yize kuke kwaba nezinsolo zokugetshengwa kwepulazi iPhala Phala.
Osesithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa exoxa noFiklle Mbalula
Umthombo wesithombe:@ Marvel Hlungwani