Lubhalwe nguZukile Majova noDylan Bettencourt
- Uhulumeni uthi izibalo zemisebenzi zinyukile kusukela nge-Covid-19 kodwa umuntu oyedwa kwabathathu waseNingizimu Afrika akawutholi umsebenzi njengoba abantu abasha kunzima kubo kakhulu.
- Naphezu kwezithembiso zezempilo, ubugebengu kanye nezinhlelo zamanzi, iNingizimu Afrika isabhekene nezinkinga ezinkulu kulokhu okubaliwe.
Abaholi abangosomabhizinisi abaphezulu bacela uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi ehlise izethembiso futhi agxile ekukhuliseni umnotho nokudala amathuba emisebenzi.
Ngemuva kweminyaka eyisithupha ephethe, uRamaphosa useyaziwa ngokwenza izethembiso ezintsha njalo uma ethula Inkulumo Echaza Isimo Sezwe.
Manje, njengomholi we-Government of National Unity (GNU), eyakhiwe ngamaqembu ezepolitiki ayishumi, uRamaphosa unomsebenzi wokubeka iNingizimu Afrika phambili, hhayi i-ANC.
Njengoba sesixazulule inkinga yokucinywa kukagesi, ukukhula komnotho manje kuphazanyiswa ukungasebenzi kahle kwenkampani i-Transnet, okuholele kusiminyaminya emachwebeni amakhulu aseThekwini nase-Richards Bay.
Kuzodingeka futhi izigidigidi zamarandi ukulungisa uxhaxha lwezitimela zezwe ukuze kwenziwe ngcono ukuthuthwa kwamalahle e-Richards Bay Coal Terminal.
Njengamanje amakhulu amaloli asebenzisa umgwaqo onguthelawayeka u-N3 ukuthutha impahla, okuholela ekucekeleni phansi komgwaqo nokudala izingozi.
Umholi we-DA, uJohn Steenhuisen, uthe i-GNU kumele izibophezele ekunciphiseni izikweletu zikahulumeni futhi iyeke ukutakula izinkampani zikahulumeni.
Esikhundleni salokho, uhulumeni kufanele aqale ukwenza izinkampani zikahulumeni ezingasebenzi kahle zizimele futhi asebenzisane nezinkampani ezizimele ukuze azakhe kabusha.
“Kumele sisebenzise ukubuyekezwa okuqinile kokusetshenziswa kwezimali eminyangweni yonke kahulumeni, siqinisekise imiphumela elingana nesabelomali esabiwe futhi siqede nezinhlelo eziyimpinda noma ezingenamthelela.
“Futhi akumele kube khona okuzomangaza uma senza lokhu, futhi akumele kube nezintshisekelo ezikhethekile,” kusho uSteenhuisen.
Isikhulu se-SA Chamber of Commerce and Industry u-Alan Mukoki uthe umkhakha wezamabhizinisi ubheke ngabomvu ukuthi iNingizimu Afrika izosebenzisa kanjani usihlalo wayo we-G20 ukukhulisa umnotho, ukuheha abatshalizimali nokudala amathuba omsebenzi.
Enkulumeni yangonyaka odlule mhlaka-8 kuNhlolanja, uRamaphosa ukhulume ngengane ebizwa ngoTintswalo, owazalwa ngesikhathi kuqala intando yeningi ngo-1994. Uthe impilo yakhe ikhombisa ukuthi iNingizimu Afrika yashintsha kanjani yaba ngcono.
Kodwa iqiniso lisitshela indaba ehlukile.
Yize uRamaphosa ethe baningi abantu abanemisebenzi kunangaphambi kokubheduka kwe-Covid-19, ukuntuleka kwemisebenzi kuseyinkinga enkulu. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi u-32.1% wabantu baseNingizimu Afrika abawutholi umsebenzi. Kubantu abasha abaneminyaka engu-15-24, kubi nakakhulu – abayisithupha kwabayishumi abanayo imisebenzi.
Isethembiso sikamengameli sokwethula i-National Health Insurance (NHI) sihambe kancane. Izibhedlela zikahulumeni zisabhekene nezinkinga ezinkulu, okuhlanganisa ukungabi nabasebenzi abanele kanye nengqalasizinda engekho emthethweni. Okwenza izinto zibe zimbi nakakhulu, cishe odokotela abasha abangaba ngu-1,800 bahlala emakhaya abasebenzi, nakuba izibhedlela zibadinga.
Ngobugebengu, kunezindaba ezimnandi. I-Operation Shanela iholele ekuboshweni kwabantu abangu-285,000 phakathi kukaMfumfu 2024 noMasingana 2025. Amaphoyisa aphinde abopha ozamazama abangu-18,000 abakuleli ngokungemthetho.
Kodwa ubugebengu obunobudlova busakhathaza kakhulu. Ukubulala, ukushaya, ukuphanga kuhlonyiwe, nokunyuka kwesibalo sokudunwa kwezimoto kusephakathi kwezinga eliphezulu kakhulu emhlabeni.
Uhulumeni useqale izinhlelo ezinkulu zamanzi ukusiza izindawo ezingenawo amanzi. I-Lesotho Highlands Water Project iqhubekela phambili, nakuba sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye. I-Hazelmere Dam kanye ne-Giyani Water Project manje isiphelile.
Kodwa amadolobha amaningi namalokishi asadonsa kanzima ngenxa yezinkinga zamanzi ngenxa yamapayipi amadala, aphukile kanye nobuholi obubhedayo komasipala.
Njengoba abantu baseNingizimu Afrika belungiselela ukubukela le nkulumo, abaningi bayazibuza ukuthi bazozwa yini izixazululo ezintsha noma izithembiso ezengeziwe.
Osesithombeni esingenhla: UCyril Ramaphosa.
Umthombo: @CyrilRamaphosa