Nothando Makhubela
Kushone isikhulu sikaMasipala esisodwa kwathi abathathu basesimeni esibucayi ngemuva kokudutshulwa ngonogada abazimele ngesikhathi kunombhikisho wabasebenzi kuMasipala wendawo i-Steve Tshwete, e-Mpumalanga.
UTsepho Maseko ushonele endaweni yesigameko ngenxa yamanxeba okudutshulwa kanti uSarel Vilakazi, uHerris Sithole, noBongani Nkosi basalaliswe esibhedlela e-Middelburg.
Abasebenzi bebetelekile kusukela mhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba befuna ukunyuselwa amaholo. Izinto zonakale ngesikhathi uMasipala kuthiwa usabisa ngokumisa abasebenzi abalinganiselwa kwabayikhulu abebetelekile. Abasebenzi bakubone lokho njengokusongela abangu-13 bamiswa ngoMbasa ngemuva kwesiteleka sangaphambili esingavikelekile.
Okhulumela abasebenzi uKgosi Makwati utshele i-Scrolla.Africa ukuthi onogada okuthiwa badubule abasebenzi baqashwe kuphela ukuvikela ibamba lo mphathi kaMasipala.
Kodwa isigameko senzeke ngaphandle kwebhilidi likaMasipala ngakho akukho bungozi konogada noma empahleni.
Uthe umqashi akakaze azame ukuhlangana nabamele abasebenzi kusukela bateleka cishe emasontweni amabili edlule.
“Selicacile isu lesigungu esiphezulu sigwema ukuxoxisana nabasebenzi abatelekile futhi sisebenzise amaqhinga okuqeda isiteleka.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Mpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe abantu abane badutshulwe ngonogada ngesikhathi abasebenzi bengena ngenkani emabhilidini kaMasipala.
Akekho osaboshiwe.
UMasipala nenkampani yonogada ezimele abatholakalanga ukuze baphawule.