Zukile Majova
Asikhulekele ukuthi izikhulu zikahulumeni zingasebenzisi umuga wesikhukhula zakamuva ezicekele phansi KwaZulu-Natal ne-Eastern Cape ukuqhuba inkohlakalo.
Kodwa sonke siyazi ukuthi ukunxusa nemithandazo yethu kuzoba yize ngenxa yokukhohlakala kwezikhulu zikahulumeni, ezisebenzisa noma iliphi ithuba ukufeza izinhloso zazo zokungcola.
Ngeke ulindele ukuthi abantu abangenanembeza abantshontsha izigidigidi ngesikhathi sokhuvethe, sebengabuyelwa isimilo manje.
Ememezela isikhwama sika-R1 billion sokukhuculula, ukwakhiwa kabusha kwengqalasizinda kanye nokwesekwa kwabantu, uMengameli uCyril Ramaphosa uqinisekise isizwe ukuthi kuningi okuzayo futhi isenti ngalinye lizosetshenziselwa ngendlela.
“Sihlanganisa izinhlaka ezahlukene ukuthi zibe yingxenye yohlaka lokuqapha ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke imali ekhishelwe ukubhekana nale nhlekelele ibalwa ngendlela efanele nokuthi umbuso uthola inani lemali,” kusho uMengameli ngesikhathi ekhuluma nesizwe muva nje.
Sikufisela inhlanhla Bab’Mengameli.
Ngesikhathi ukunakwa nokuphithizela kokuhlinzekwa kosizo kuzobe kusabalele eKZN, ungasikhohlwa thina lapha esifundeni sase-Alfred Nzo ukuthi izindlu zodaka zibhidlikile, zabulala abantu nemfuyo ekhosela ezindlini ezingasasebenzi ngesikhathi kuna izimvula ezinamandla.
Kuleli sonto iMeya yesiFunda uVukile Mhlelembana, obhekelele ukuthuthukisa nokuxhasa ngezimali isu lokubhekana nezinhlekelele endaweni, uvakashele e-Mbizana – esanda kuqanjwa kabusha ngokuthi iWinnie Madikizela Mandela – lapho inqwaba yemizi
icekeleke phansi kanzima yizikhukhula.
Kuvele kwabacacela bonke abantu ukuthi usizo olujwayelekile lokulekelela ngamaphasela okudla, izipontshi nezingubo zokulala ngeke lufike ezindaweni lapho abantu abalahlekelwe khona izindlu.
Kwesinye sezigameko ezibucayi kakhulu e-Mbizana, uGogo Marhadebe Dlodlo (80) unqabile ukushiya ikhaya lakhe elimapeketwane ukuyohlala nomakhelwane bakhe.
“Ngilahlekelwe yikho konke kodwa angikwazi ukuphuma endlini yami. Nginezinkukhu zami lapha futhi ithuna lomyeni wami ongasekho likhona lapha. Angeke ngikwazi ukushiya umuzi wami.”
Ithimba leMeya uMhlelembana lithole imizi engu-44 ecekeleke phansi e-Mbizana, engu-37 kuMasipala Wendawo Umzimvubu, engu-54 kuMasipala Wendawo waseNtabankulu kanye nengu-50 kuMasipala Wendawo wase-Matatiele.
Okungenani izindlu ezingu-185 zidinga ukwakhiwa emasontweni nasezinyangeni ezizayo kanti isibalo sabantu abangu-409 bathathwa njengabangenamakhaya.