Sinxusa i-Twitter ukuthi ivimbe indodakazi kaZuma ngokugqugquzela udlame

I-Twitter kumele imise ama-akhawunti kaDuduzile Zuma-Sambudla kanye neye-Jacob Zuma Foundation ngokugqugquzela udlame, kusho abantu baseNingizimu Afrika abadumile abasidlulise ngqo lesi sicelo kuMphathi we-Twitter uJack Dorsey.

Womabili la ma-akhawunti “abhebhezele udlame”, kusho owayeyilungu lePhalamende le-Democratic Alliance uPhumzile van Damme.

“Izinxushunxushu zihamba phambili emhlabeni jikelele. Izimpi ezinodlame ezibangelwe ukungabi nalwazi kwipulatifomu yakho. Izinkulungwane zinxuse ukuthi zithathelwe izinyathelo. Lutho. Awunamahloni @jack,” kubhala u-Van Damme.

Khonamanjalo, ilungu le-Democratic Alliance ePhalamende uGlynnis Breytenbach uvulele uZuma-Sambudla newele lakhe uDuduzane, umfowabo omdala u-Edward nomholi we-EFF uJulius Malema icala.

“UZuma-Sambudla ufake ama-tweets amaningi kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule egqugquzela futhi ekhuthaza udlame nokuphanga osekudale ukuthi kungabi nozinzo KwaZulu-Natali nasezingxenyeni ezithile zase-Gauteng,” kusho uBreytenbach eKapa.

“La ma-tweets abe nezithombe zokucekelwa phansi, ukushiswa kwempahla kanye nokuphanga, uDuduzile ezwakalisa ukuxhasa kwakhe lezi zenzo kumazwibela ama-tweets.”

Lowo owayengumshushisi omkhulu uphinde waveza “ividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho uDuduzane Zuma efisa ‘ukulwa’ ukuze akhiphe ubaba wakhe ejele, kanti u-Edward Zuma wakhuluma ngaphambi kokuboshwa kukababa wakhe ukuthi abomthetho kuzomele badlula kuye kuqala ngaphambi kokuba babophe ubaba wakhe”.

Intatheli yezobuchwepheshe uDuncan McLeod uhambe emazwini abantu abaningi baseNingizimu Afrika encwadini ebhalelwe uDorsey – @jack ku-Twitter – ngokumisa ama-akhawunti ka- @DZumaSambudla kanye ne-akhawunti ka-@ JGZ_Foundation.

“Indodakazi yalowo owayenguMengameli, okwathi ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko esibi kanye nodlame, yathumela ama-tweets ashisa kakhulu, enye yawo yayikhombisa abantu abangashiwongo ngamagama bedubula isibhamu noma izibhamu esithombeni sikaMengameli uCyril Ramaphosa,” ubhale kanjalo ku-TechCentral. co.za

I-akhawunti kaZuma Foundation ibhale ku-Twitter ukuthi “ukuthula nozinzo eNingizimu Afrika kuxhumene ngqo nokukhululwa kukaMengameli uZuma ngokushesha”.

“Ngenxa yalesi simo, kanye nokuthi kungenzeka ukuthi ukuphawula budlabha kwezokuxhumana kungasibhebhethekisa isimo esishubile, le i-tweet ebudedengu kakhulu,” kubhala uMcLeod.

“Okubi kakhulu, kungenzeka ukuthi kusizile ukubhebhethekisa izigameko zokubulawa kwabantu kanye nemibhikisho ehlasele iTheku namanye amadolobha KwaZulu-Natali.”

Izihloko zakamuva