Lungani Zungu
“Sicela nisivumele sithathe izidumbu zabantu esibathandayo sibabuyisele ekhaya. Sifuna ukubangcwaba ngesizotha.”
Lesi yisicelo esibuhlungu uThandi Kunene asenza kuhulumeni ngemuva kokuthi kusolwe ukuthi umfowabo uThabo wadutshulwa wabulawa e-Phoenix, KwaZulu-Natali, ngesonto eledlule.
Isimo sishubile phakathi kwemiphakathi engomakhelwane eNanda nase-Phoenix kusukela ngesonto eledlule, lapho okusolakala ukuthi kwabulawa abantu abangama-20.
Isimo esishubile sibhebhezelwe yilokho ezinye izakhamizi zakule ndawo ezikubize ngokuthi yimpi ebangwa ngokobuhlanga phakathi kwabansundu namaNdiya.
UThandi uthe: “Engikufunayo nje ukungcwaba umfowethu omncane ngokuthula.”
UThandi utshelwe ngokushona kukamfowabo ontanga bakhe abebenaye ngesikhathi edutshulwa.
“Umama usahlukumezekile, akakwazi nokukhuluma,” esho.
Esinye isakhamuzi esikhungathekile uMnu uThabani Mkhize uthe ubekade ezama ukubuyisa isidumbu sikamfowabo ekhaya kungaphumeleli.
“Sihlulekile ukuya e-Phoenix ngezinyawo ngoba basidubula singabasukelanga. Lesi simo asikwazi ukuqhubeka kanjena.”
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uvakashele izindawo ezithintekile kuleli sonto ngenhloso yokuyothela amanzi abandayo kulesi simo esishubile.
Uthembise izakhamizi ezilahlekelwe ngabathandekayo bazo ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukubuyisa imizimba yabo ekhaya.
NgeSonto, umgcinimafa-jikelele we-IFP uNarend Singh naye uhambele kuleya ndawo ukuletha ukuthula phakathi kwamaqembu alwayo.
“Asikwazi nje ukubuka eceleni uma abantu bethu benza lokhu. Sihlose ukuqinisekisa ukuthi alisekho igazi elichithekayo.”
USingh, obehamba noThami Ntuli, ongusihlalo we-IFP e-KZN, ucele ukuthi kuthunyelwe amanye amasosha kule ndawo.
“Angeke kwamukelwe ukuthi indawo ebucayi njengalena inamasosha ambalwa njengoba sibonile.”
Amalungu omphakathi amaningi avela kuwo womabili amaqembu anxuse ukuthi kube nokuthula endaweni.