Menzi Magubane
Yize ethembisa ukuthi iKaizer Chiefs izonikela ngakho konke enakho emdlalweni ozoba se-Soweto uma sebebhekene ne-Orlando Pirates ngeSonto, umqeqeshi uGavin Hunt uthi naye uselilinde ngabomvu ikhefu elizayo le-Fifa.
“Nakanjani! sidinga ukudlula kulo mdlalo wangempelasonto futhi sidinga nokuphumula,” kusho uHunt.
IPirates izobe idlala umdlalo wayo we-17 e-FNB Stadium kulo nyaka.
“Ikhefu le-Fifa lizosisiza ukuthi sivuseleleke kancane. Uyabona ukuthi sikhathele ngokwengqondo ngenxa yokungenzi kahle kwethu futhi ubukhulu beqembu lethu abusizi ngalutho.”
NgoLwesibili ebusuku iChiefs ithole iphuzu emdlalweni wayo we-CAF Champions League Group C ePeter de Luanda e-Angola. Yize Amakhosi enqobe umlenze wokuqala ekhaya, izinto zibe nzima e-Angola.
UHunt uthe, ubelindele ukuthi iqembu lase-Angola ukuthi libe nenkani ekhaya.
“Okubalulekile ukuthi abadlali bami bayalwa, bayasebenza futhi benza konke okusemandleni abo. Bazinikele ngakho konke futhi angikwazi ukubasola abadlali,” esho.
Ukudlala ngokulingana e-Angola kushiye iChiefs inamaphuzu amahlanu futhi isendaweni yesithathu ngamaphuzu alinganayo neHoroya esendaweni yesibili. Womabili la maqembu anethuba elilinganayo lokuhlungela ukungena ku-last 16 njengeWydad Casablanca esendaweni yokuqala
IChiefs izodlala neWydad ekhaya mhla zi-2 kuMbasa bese bedlala eHoroya ekuhambeni mhla zi-9 kuMbasa.
“Ukudlala ngokulingana kanye nokuwina kungasisiza. Kodwa sizobhekana neHoroya ekuhambeni futhi lokho kuzoba nzima.”
Ngemuva kwemidlalo yangeSonto i-DStv Premiership kanye ne-GladAfrica Championship Cup izothatha ikhefu.
NgoLwesine iBafana Bafana izokwamukela iGhana emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations e-FNB Stadium ngehora le-6 ntambama. NgeSonto bazobhekana neSudan ekuhambeni.
Isithombe: @SABreakingnews