Singumqemane iSilo samaBandla obekubikwe ukuthi siyadunguzela 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Indlu yaseNdlunkulu kaZulu isisukume ngokushesha ukuqeda uvalo lokuthi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini siyadunguzela nokuthi sidinga usizo lwezempilo oluphuthumayo.

Izinkulumo ezashiwo nguNdunankulu kaZulu, inkosi uMangosuthu Buthelezi ngesikhathi ethandazelwa  eMahlabathini zidale ukwesaba nokudideka kubantu. 

UButhelezi uphinde watshela isizwe samaZulu ukuthi ezokuphepha kuNgangezwe Lakhe zizoqiniswa.

Kulo mhlangano uButhelezi utshele abaholi bebandla abebemvakashele emzini wakhe eMahlabathini ukuthi kumele bakhulekele iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngoba akaphilile udinga ukwelashwa.

Uthe iSilo sisanda kumshayela ucingo sisuka e-Eswatini sithi asizizwa kahle futhi sidinga usizo lwezempilo.

Nokho kuthe kungakapheli sikhathi esingakanani, uButhelezi ukhiphe isitatimende ecacisa ngokuthi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ubegula kodwa hhayi ukuthi bese sigulela ukufa.

Lezi zinkulumo ezishayisanayo zishiye abantu abaningi okubalwa kubo abasondelene neSilo bedidekile ngesimo sempilo yaso.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini washonelwa ngunina, uNdlunkulu uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu ngemuva kokudliswa ushevu ngumuntu ongaziwa.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini namanje usasengozini njengoba iqeqebana elisendlini yaseNdlunkulu kaZulu lisalwela ukumsusa esihlalweni sobukhosi.

Bangaphezu kweshumi nambili abantu abasesigabeni sangaphakathi kuhlanga lwakhe ababulewe kamuva.

Ilungu lomndeni waseNdlunkulu kaZulu elingakwazi ukudalulwa ngenxa yemithetho yaseBukhosini litshele i-Scrolla.Africa ukuthi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ubeye-Eswatini.

Uhambele izintshumayelo zangempelasonto yePhasika esigodlweni sikamalume wakhe iSilo uMswati III.

Umthombo uqhube wathi iSilo singumqemane futhi asikho isizathu sokukhathazeka.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kulindeleke ukuthi sihambele umcimbi wokuvulwa ngokusemthethweni kwe-Views Shopping Centre eMhlanga, enyakatho yeTheku, namhlanje.

Kulindeleke ukuthi ethule inkulumo kulo mcimbi futhi  akhulume ngombono wakhe ngesizwe samaZulu nabantu baso.

I-Views Shopping Centre iyintuthuko enkulu endaweni, kanti ukuvulwa kwayo kulindeleke ukuthi kuhehe abantu abaningi.

Ukuletha iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kulo mcimbi kubukeka kuzoheha abantu abaningi nomphakathi wendawo.

Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini okuthiwa uphile saka

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva