Celani Sikhakhane
Simisiwe emsebenzini isikhulu esiphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natal ngezinsolo zokuhlukumeza umsebenzi osemncane okhulelwe.
Lokhu kuza ngemuva kokuqoshwa kwezwi ngxoxo phakathi kwesikhulu esiphezulu eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu nalesi sisebenzi esiphumele obala ezinkundleni zokuxhumana.
Kule nkulumo eqoshiwe isikhulu esiphezulu sisola isisebenzi saso esikhulelwe ngokuthi siye eMnyangweni wezabaSebenzi ukuyobuza ngemigomo ethinta ikhefu lokuyoteta.
NgesiZulu isikhulu sizwakala sithuka isisebenzi esizithwele simbiza ngamagama, size simbize ngesilima sentombazane.
Yize umsebenzi osemncane ebezama ukuchaza ukuthi uye eMnyangweni wakwa-HR ukuze aqonde imigomo yokubeletha isikhulu silokhu simphazamisa simtshela ukuthi uzisola kangakanani ngokunika intombazane eyisiwula njengaye umsebenzi.
Size sathi asinandaba nosuku lokuteta lalona wesifazane.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Jomo Sibiya usememezele ukuthi lesi sikhulu sethathelwe izinyathelo.
“Isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu esithintekayo kule nkulumo eqoshiwe eqhamuke ngo-WhatsApp ezinkundleni zokuxhumana simiswe ngokukhulu ukushesha futhi siyathembisa ukulilungisa lolu daba ngokulandela imigudu efanele,” kusho uSibiya.
I-Scrolla sithole ngezinye izigameko ezithinta izinhloko zezombusazwe kanye noNgqongqoshe imbala.
Iningi labasebenzi kuthiwa lisebenza emnyangweni kahulumeni noma ezikhungweni zokuxhumana. Abanye kuthiwa sebeze bachitha isikhathi ezibhedlela ngenxa yengcindezi edalwa ukuhlukunyezwa izikhulu.
Ngisho nonogada kuthiwa bakhala ngempatho abayithola kwabanye oNgqongqoshe.
“Basiphatha njengezigqila,” kusho isikhulu esithe bathunywa ukuyolanda izingane esikoleni okungeyona imisebenzi yabo.
Abanye oNgqongqoshe baphoqa abasebenzi bakahulumeni ukuthi basize emicimbini yangasese emakhaya abo.