Lubhalwe nguQueenEsther Iroanusi
Iziphathimandla zase-Nigeria zihlehlise ukuphasiswa kwesabelomali sika-2023 kuze kube isonto elizayo ngenxa yezinkinga.
UMengameli we-Senethi, u-Ahmad Lawan umemezele lokhu ngoLwesine.
Uthe abomthetho abakwazi ukudlulisa isabelomali ngoba sifike nezinkinga ezithile ezitholwe ikomidi le-National Assembly Committees on Appropriations.
“Umthethosivivinyo wokwabiwa kwezimali ufike kwisishayamthetho sikazwelonke nezinkinga kanti i-Committees on Appropriations Senate and House of Representatives iqale ukuqhathanisa izibalo ezilethiwe.
“Izinkinga zivele obala kwangabi lula ukubhekana nazo kwase kudingeka ukuthi amakomidi aqale uhlelo lokucubungula kabusha isabelomali. Lolu hlelo luthinta isigungu esiphezulu ngoba izinkinga ziqhamuka kusona ikomidi likuthole lokhu izolo,” echaza.
Akazange asho uhlobo lwezinkinga ezitholwe kwisabelomali.
ULawan uvele wabikela ozakwabo ukuthi uNobhala wekomidi akakwazanga ukuqeda ukucubungula umbiko. Nokuthi angeke bakwazi ukuyethula namuhla noma kusasa, uMsombuluko noma nguLwesibili ngenxa yamaholidi.”
“Ngakho-ke singakwazi ukwamukela nokucubungula lolu daba ngoLwesithathu ngomhlaka-28 ngesonto elizayo.”
NgoMfumfu, uMengameli Muhammadu Buhari wethule isilinganiso sesabelomali sika-N20.5 trillion ngonyaka wezimali ka-2023.
Ngenkathi uLawan ezishaya isifuba ngokuthi uMkhandlu wesishiyagalolunye wenze okuningi kakhulu ukuze udlulise izabelo zangaphambilini ngaphambi kokuphela konyaka wayenethemba lokuthi bazoba nefa abazoziqhenya ngalo.
Ngemuva kwalokho i-Senethi yamisa umhlangano ukuze kuvunyelwe amakomidi afanele ukuthi aqhubeke nomsebenzi wokushaya umthetho mayelana nemibiko.
Abomthetho kulindeleke ukuthi baphinde bahlangane ngemuva kukaKhisimusi ukuze bacubungule baphinde baphasise isabelomali sika-2023 neminye imibiko edingekayo.
Isithombe esingenhla: ngesikaMengameli wase-Nigeria uMuhammadu Buhari
Umthombo wesithombe: Premium Times