Simisiwe emsebenzini isikhulu sakwa-SA Tourism  

Isikhulu sezezimali sakuleli kwezokuvakasha uJohan van der Walt unikezwe isaziso sokumiswa ngoLwesibili ntambama.

Incwadi iyalele isikhulu sezezimali ukuthi sichaze ukuthi kungani kungamele amiswe kulandela ukungaphumeleli kwesivumelwano neqembu le-Premier League, i-Tottenham Hotspur.

“Unikezwe incwadi ezobeka izizathu zokuthi kungani kungamele amiswe futhi akakayiphenduli leyo ncwadi,” kusho uSihlalo webhodi le-SA Tourism uThozamile Botha.

UVan der Walt wayemataniswa ne-ejensi etholwe kwisiphakamiso se-Spurs esahoxiswa ngesonto eledlule.

Isikhulu sezezimali kukholakala ukuthi singumqondisi wezinkampani eziningi ezixhumene nenhlangano yezemidlalo i-WWP Group, kubika i Daily Maverick.

Nokho, isikhulu esiphezulu sakwa-SA Tourism, uThemba Khumalo esithangamini nabezindaba uthe ngeke kube khona inhlangano ethintekayo kulesi sivumelwano.

Kwabe sekuvela ukuthi i-WWP Group izothola u-R31 million wokuqinisekisa ukuthi “zonke izinto sezimi ngomumo mhlaka-1 kuNtulikazi 2023 uma sekuqala isizini”.

UBotha uthe ibhodi belingazi ngokushayisana kwemibono.

I-SA Tourism ibhekane nezingqinamba eziningi ngemuva kokuhlongoza isivumelwano sika-R900 million sokuxhasa leli qembu lase-London kusukela ngesizini ezayo.

Ukube isivumelwano besifeziwe, inkampani kahulumeni ibizothola uhlobo lwempahla, inhlolokhono, ukukhangisa kosuku lomdlalo, nezinto zokuqeqesha kuleli kanye nokuthola amathikithi mahhala kanye nokuphathwa kahle enkundleni.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: I-logo ye-SA Tourism 

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva