
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Abashayeli bama-uber bavinjezelwe enxanxatheleni yezitolo e-Soweto ngesikhathi abashayeli bamatekisi bebashaya bashisa nezimoto zabo.
Esigamekweni sakamuva umshayeli we-uber uphoqeleke ukuba aphume emotweni yakhe, imoto yashiswa ngoMsombuluko ebusuku ngaphandle kwase-Protea Glen Shopping Mall, e-Soweto.
NgoLwesine olwedlule abashayeli bama-uber bahlaselwe abashayeli bamatekisi. Kushiswe izimoto ezintathu kwathi ezine zalimala ngesikhathi kuqubuka udlame kwinxanxathela yezitolo e-Maponya.
NgoLwesibili umbutho wamaphoyisa kaMasipala waseGoli ulamule ingxabano phakathi kwe-Soweto United E-hailing Association namalungu e-National Taxi Alliance e-Protea Glen.
Abasebenzi be-e-hailing, okuhlanganisa nabangaphansi kwe-Bolt ne-Uber, bavale ukungena enxanxatheleni yezitolo bafuna uhulumeni angenelele.
UNgqongqoshe wezokuThutha e-Gauteng uKedibone Diale-Tlabela uthe: “Lezi zenzo azamukelekile futhi kumele zisukunyelwe kanzima. Angeke size siyeke ukwakha uhlelo lwezokuthutha umphakathi oludidiyelwe njengesimanje ngenxa yabantu abanochuku nabaqala udlame ukuze badlulisele umyalezo wabo.”
Le ngxabano isuke ngenxa yokwehluleka kukahulumeni ukulawula imboni yezokuthutha umphakathi nokuthatha isinqumo ngemizila yokusebenza yamatekisi nabantu bama-uber.
Usihlalo we-EFF e-Gauteng, uNkululeko Dunga uthe sekunezinyanga eziningi lolu dlame kukhona.
“Sekujwayelekile lokhu njengoba abashayeli bama-uber belokhu behlukunyezwa izinhlangano okuthiwa ezamatekisi kanti nezimpilo zabasebenzisi zilokhu zisengozini ezweni lonke.
Ukuhlaselwa okuqhubekayo kwabashayeli bama-uber nezimoto zabo akugcini nje ngokubeka engcupheni impilo, kodwa futhi kuwukuhlaselwa kwezomnotho nezempilo yemindeni.”
Amalungu e-National Taxi Alliance azichithile izinsolo zokuthi yiwo aphehla ukuhlaselwa kwabantu bama-Uber.
Namhlanje kuzoba nomhlangano ofaka osomatekisi, abama-uber, amaphoyisa nohulumeni ngenhloso yokuthola ikhambi kulo mbango.
Esithombeni esingenhla: Abashayeli bama-Uber nezimoto zabo behlaselwa enxanxatheleni yezitolo i-Maponya Mall
Umthombo wesithombe nevidiyo: I-Twitter