Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umbhikisho wabafundi eNyuvesi yase-Walter Sisulu uphenduke isibhicongo ngesikhathi imenenja yendawo kusolwa ukuthi ivulele ngenhlamvu kwashona umfundi oyedwa kwalimala abanye.
Abafundi bathi kade bekhala ngezokuphepha kodwa amazwi abo ashaywa indiva.
Kushone umfundi oyedwa kwathi abanye balimala ngemuva kokuthi imenenja yendawo okuhlala kuyo abafundi ivulele ngenhlamvu e-Walter Sisulu ophikweni iNelson Mandela Drive eMthatha ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wabafundi.
Lesi sigameko sokudubula senzeke ekuseni ngoLwesibili. Amaphoyisa nonogada basenyuvesi bazame ukwehlisa umoya kubafundi abebethukuthele besabisa ngokuvala u-N2.
Abafundi bathi bagasele emzini wemenenja yendawo ngezithuba zabo-07:00 ngemuva kwezinyanga bekhalaza benganakwa.
“Okunye okuyinkinga ukuthi batshale onogada besilisa ezindaweni ezihlala abesifazane abacabanga ukuthi bangangqongqoza emagunjini bangene uma bethanda,” kusho umholi wabafundi.
Uthe unogada wesilisa wake wamiswa emsebenzini ngokungena egunjini labesifazane, kodwa wabuye wabuyela kuyona le ndawo.
“Abakaze basilalele nezimfuno zethu,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Nobuntu Gantana uthe abafundi bahlangane ngoMsombuluko ebusuku ukuze bahlele izinyathelo mayelana nesimo esingesihle sendawo abahlala kuyo. NgoLwesibili ekuseni, babhekana nomphathi wendawo esikhungweni semfundo ephakeme.
“Kusolakala ukuthi umphathi wendawo udubule abafundi ababili besilisa, oyedwa washonela endaweni yesigameko omunye waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uGantana.
Ukuqinisekisile ukuthi abafundi babe sebeshisa imoto yomphathi wendawo bahlasela unkosikazi wakhe oshawe ngento eqinile ekhanda.
Umndeni kudingeke ukuthi utakulwe ngabeMthatha Public Order Policing.
Amaphoyisa athwele kanzima ukuthola eminye imininingwane kofakazi njengoba abafundi bebavimba ukuthi bafike endaweni yesigameko.
“Akukaboshwa muntu okwamanje,” kusho uGantana.
Okhulumela iNyuvesi uYonela Tukwayo uthe isimo simanzonzo.

“Onogada bethu bayazama ukuthola isiqiniseko ngalesi sigameko. Ngizokhipha isitatimende ngokushesha uma ngithola imininingwane,” kusho yena.
Esithombeni esingenhla: Imoto yemenja yendawo eshiswe ngabafundi ngemuva kokuba idubula yabulala oyedwa kwalimala nabanye kodwa isibalo sabo asikakaqinisekiswa.
Umthombo wesithombe: Facebook