Silokhu sikhule njalo esababulawa isifo sohudo

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Isibalo sabashonile ngenxa yokuqubuka kwesifo sohudo sesinyuke safinyelela ku-24.

I-Hammanskraal iqophe ukushona kwabantu abangu-23 kanti i-Free State iqophe ukushona koyedwa.

Le nkinga kanye nokwenyuka kwesibalo sabashonile kwenze uMengameli uCyril Ramaphosa avakashele e-Hammanskraal.

Ilokishi elisenyakatho ye-Tshwane lineminyaka eminingi libhekene nezinkinga ezithinta amanzi futhi lithembele kakhulu emathangini amanzi njengoba amanzi ompompi engaphephile.

Izikhulu zikamasipala wase-Tshwane sezinxuse izakhamizi ukuthi zingawaphuzi amanzi aphuma empompini. Lo masipala awukwazanga ukunqanda ukusabalala igciwane ngenxa yokungakwazi ukuhlonza umthombo wale nkinga.

UMengameli uRamaphosa umemezele ukuthi uzovakashela e-Hammanskraal phakathi nesonto njengoba ethe ukubheduka kwesifo sohudo into ekhathazayo.

“Ngithumele oNgqongqoshe bethu ukuthi bayobhekana nalesi simo. UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle kanye noNgqongqoshe wezeMpilo babhekene nalolu daba.

“Kuwumsebenzi wabo ukubhekana nale nkinga futhi bazoqhamuka nezisombululo. Sisebenzisana nomasipala wendawo,” esho.

Khonamanjalo, ngoLwesihlanu uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uSenzo Mchunu uhlangane nemeya yase-Tshwane uCilliers Brink ukuze bakhe uhlelo oluhlanganyelwe lokulungiswa kabusha kwesikhungo sokuhlanza amanzi angcolile i-Rooiwal.

Ngesikhathi ethula inkulumo yesabelomali sikamasipala ngeledlule uBrink uthe umasipala uzokhipha imali engu-R450 million eminyakeni emithathu ezayo ukuze kuphothulwe isigaba sokuqala sokuthuthukiswa kwesikhungo esihlanza amanzi i-Rooiwal.

Kodwa uthe isigaba sesibili salolu hlelo sizodla u-R2,5 billion kanti leyo imali umasipala ongenayo.

“Ngokwesigaba sesibili sokuthuthukiswa kwe-Rooiwal umasipala uzodinga ezinye izinhlaka zikahulumeni ukuze zisize ekuqoqeni u-R2,5 billion odingekayo,” esho.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa

Izihloko zakamuva