Lungani Zungu
Kudutshulwe kwabulawa abantu abane ngoMgqibelo okuhlanganisa neNduna eqavile yoMkhandlu Osuthu ngaphansi kweSilo Samabandla uMisuzulu KaZwelithini.
INduna uMaphemba Cuphisa Ntuli obevelele ebukhosini udutshulwe wabulawa noSgonyoza Ngema, uYazi Zulu kanye noMbebiseni Zulu.
Laba abane badutshulwe emhlanganweni wokudingida ngezinhlelo zokuhamba beya emcimbini wasebukhosini wokugcotshwa kweSilo Samabandla uMisuzulu esigodini sabo eMhambuma KwaNongoma enyakatho neKwaZulu-Natal.
Ukubulawa kwabo ngesihluku kwenzeka ngaphambi kokugcotshwa kweSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini ngokomlando nokunikezwa kwesitifiketi sokuhlonishwa enkundleni iMoses Mabhida.
Lokhu kulethe ukuthuka okushaqisayo ngaphakathi nangaphandle kwezindonga zendlu yasebukhosini ekhungethwe umbango omubi mayelana nendlalifa efanele isihlalo sobukhosi.
UMntwana uSimakade uphonsela inselelo umfowabo oyiSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini ngokufuna ukungena ngenkani esihlalweni sobukhosi.
Lolu daba lusazoqulwa eNkantolo.
UMntwana uThulani Zulu okhulumela iNdlunkulu uthe ukubulawa kwabantu abasondelene neSilo uMisuzulu kuyamkhathaza.
“Siphatheke kabuhlungu njengoba silahlekelwe ngabantu ababalulekile emkhandlwini wethu Osuthu. ISilo siphatheke kabi futhi sikhathazekile ngokudlula kwabo emhlabeni,” kusho uThulani.
Akazange afune ukuxhumanisa ukubulawa kwalabo abane noqhekeko emndenini wasebukhosini.
“Ngicabanga ukuthi kufanele sivumele amaphoyisa ukuthi enze uphenyo lwawo esikhundleni sokujaha ukuhlanganisa lokhu nokwenzeka emndenini wasebukhosini.”
Uthe abantu abangabi nalo uvalo ngokuhambela umcimbi wokugcotshwa kweSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini okulindeleke ukuthi uhanjelwe abantu ababalelwa ku-48,000.
Ngenyanga edlule uDkt Dumisani Khumalo(76) wadutshulwa wabulawa ehambele umkhosi womhlanga esigodlweni saseNyonkeni KwaNongoma.
UbeyiNduna enethonya yoMkhandlu Wendabuko Osuthu futhi engumngani othembekile weSilo Samabandla uZwelithini KaBhekuzulu osakhothama ongubaba weSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UNtuli ubengomunye wabaholi bendabuko ababephelezele iSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama beya e-Wales bevakashela lowo owayeyiNkosana manje oseyiNkosi uCharles III, ngesikhathi sombukiso we-Royal Welsh ngo-2019.
Umndeni wasebukhosini uhola isizwe samaZulu esingaphezu kuka-11 million.
Inhlangano emele iziNduna, Ubumbano lweziNduna igxeka ukungaboshwa kwezigilamkhuba ezibulala iziNduna.
“Abaholi bethu bendabuko babulawa njengezimpukane, kodwa uhulumeni wethu uthule,” kusho uCharles Malinga onguNobhala-Jikelele wale nhlangano.
UNtuli uyiNduna yesi-50 ukubulawa eKZN kusukela ngo-2019 ngokusho kukaMalinga.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukubulawa kwalaba abane.
“Bahlaselwe abasolwa abangaziwa badubula kaningi bebhekise kubona. Kusaphenywa ngezimo zokushona kwabo. Izisulu zineminyaka ephakathi kuka-25 no-63.”
Esithombeni esingenhla: ngeseNduna uMaphemba Ntuli ebulewe.