Silahlwe elakubo isigebengu siwa sishona kade sibaleka

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Kushone isigebengu saseKapa ngemuva kokuwa emzileni wokuqwala izintaba e-Table Mountain ngesikhathi sibaleka nobucwebe kanye nomakhalekhukhwini ebesiwantshontshe eqeqebeni lezivakashi.

Ilungu lekomidi lezokuvikeleka ehhovisi lemeya eKapa, uJP Smith, uthe iqulu labantu abebeqwala izintaba belisemgwaqeni u-Slangolie ngeSonto ngesikhathi libhekana nezigebengu ezimbili.

“Umqondisi wezokuvakasha uvikele leli qembu ngokufutha abahlaseli bobabili nge-pepper spray. Abaphangi babaleka nomakhalekhukhwini abebebantshontshile,” kusho uSmith.

Uthe amaphoyisa namalungu e-SANParks azamile ukuthola omakhalekhukhwini ngohlelo oluveza indawo yawo yokugcina, athola ukuthi omunye wabaphangi ushonile.

UMnuz Namhla Cana (45) ushaqekile ezwa ngalesi sigameko wathi kumele kuqiniswe ezokuphepha kuzo zonke izindawo zokuqwala izintaba edolobheni.

“Izigebengu sezibonile ukuthi abantu baqwala izintaba manje sezibabamba inkunzi, futhi kuzoqhubeka lokhu kuze kube kuqiniswa ezokuphepha,” kusho uCana.

Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uLieutenant Colonel Malcolm Pojie, uthe amaphoyisa ase-Camps Bay avule idokodo lophenyo ukuze kuphenywe ukuthi isigebengu sishone kanjani.

Esithombeni esingenhla: Usuku lwesigebengu saseKapa luphele kabi sishona emuva kokuwela emhosheni ngemuva kokubamba inkunzi abebeqwala izintaba.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva