Sizwe Sibiya
Umculo we-Hip hop uyisiko futhi uyindlela yokuphila. Kodwa uma sikhuluma ngabathandi balo mculo, kubona umculo we-hip hop uyimpilo. Empilweni, abantu abazenzisayo bazofika baphinde bahambe, kodwa labo abangasibo abazenzisi bayobusa ingunaphakade.
Naba abaculi bomculo we-hip hop abahlanu abahamba phambili onyakeni ka-2021 abakhethwe yi-Scroll.Africa.
UBig Zulu.
Kumfanele ukubizwa nge-best hip hop artist of the year uBig Zulu ngemuva kokungaguquki kwakhe njengoba esanda kokuklonyeliswa ngezindondo eziyisikhombisa kuma-SA Hip Hop Awards (i-SAHHA). UBig Zulu uyena kuphela umculi we-hip hop obonakale ohlwini lwezingoma eziyishumi zonyaka zoKhozi FM ezihamba phambili.
UBlxckie.
Ukube ubengekho uBig Zulu endleleni yakhe, “uSomnyama Yena Yedwa” ngabe nguyena ohamba phambili emculweni we-Hip Hop. Lo mculi oneminyaka engu-22 ubudala wasebenzisa ithuba lokuba yedwa ngesikhathi somvalelandlini ukwenza nokukhipha umculo omnandi. Ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe ethi-B4NOW ngoNhlaba, emenze wadla umhlanganiso ku-MTV’s Hottest MCs, uBlxckie ubevakashela izindawo eziningi enandisa yonke iNingizimu Afrika.
U-A-Reece.
Njengoba akhetha ukuba inkomo edla yodwa ngokwenza izinto ngendlela yakhe, u-A-Reece ubelokhu eyisikhumbuzo esingapheli kubarepha baseNingizimu Afrika ngokuthi umculo usubekwe eqopheleni eliphezulu futhi ususezingeni eliphezulu kakhulu. U-A-Reece nakanjani uhlale engundabamlonyeni kuyo yonke iphrojekthi ayikhiphayo, njengoba ehlabane ngezindondo ezimbili emcimbini weshumi wama-SAHHAS.
UNasty C.
UNasty C umrepha waseThekwini uzuza okuningi abanye abarephayo abahlezi bephupha ngakho, kodwa ukuya kwakhe ku-Def Jam Records kumfakele ingcindezi. Usabheka indlela yokujabulisa abathandi bomculo wakhe eNingizimu Afrika naseMelika. Lokhu kobanakale emcimbini waminyaka yonke wama-SAHHA njengoba engatholanga ngisho indodo eyodwa.
U-AKA.
UKeirnan Forbes kumfanele ukuba kuhlu lwe-Top Five yethu njengoba aqhuzuka wawa, wavuka wazithintitha othulini ngemuva kokushona kabuhlungu kwentombi yakhe uNelli Tembe. Manje lo mculi odumile womculo we-hip hop umatasa ulokhu eveza uCosta Titch, asemfake emaculweni akhe amaningana muva nje.