Sikulungele ukubhekana nodlame olungabheduka ngosuku lwemashi: Malema

Lubhalwe nguZukile Majova

Umholi we-EFF uJulius Malema usenxuse abalandeli bakhe ukuthi bazilungiselele ukubhekana nodlame ngesikhathi sikakhukhulelangoqo wemashi kazwelonke okuhloswe ngayo ukuthi kumiswe yonke into ezweni ngoMsombuluko ozayo wangomhlaka-20 kuNdasa.

Manje leli qembu seliyinhlangano enkulu yezepolitiki kuleli ngokwamalungu akhokhile angaphezu kwesigidi. Lino-10% wezihlalo  ePhalamende likazwelonke.

UMalema uthe u-30% kuya ku-40% wamaphoyisa akuleli angamalungu eqembu lakhe, wengeza ngokuthi ayambikela ngezinhlelo zikaKhomishana wamaPhoyisa kazwelonke uGeneral uFannie Masemola.

Uthe uwutholile umbiko wokuthi uMasemola uhlela ukuqhuba udlame olubhekiswe kumalungu e-EFF kanti lokho kuphambene neseluleko sikaNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnu Bheki Cele.

“UNgqongqoshe uxwayise uMasemola ukuthi angabaphatha kabi ababhikishi,” esho.

UMalema ucele abalandeli bakhe ukuthi bakulungele ukuzivikela uma kuqubuka  udlame kunoma iyiphi ingxenye yezwe. Uthe abasabi muntu.

“Masosha  nizivikele. Noma ngubani ozosusa udlame nimkhombise ngokuphindwe kabili ukuthi yini eningayenza,” esho.

Umholi we-DA uJohn Steenhuisen usole i-EFF ngokuthumela izincwadi ezesabisayo kubaphathi bezinxanxathela zezitolo namabhizinisi.

Kodwa uMalema uyagcizelela ukuthi izincwadi kanye nokuxoxisana nabaholi bbezamabhizinisi ngezokuxwayisa ngezigameko zokutapa nokulinyazwa kwempahla.

“Asifuni ukutapa. Kodwa uyazi ukuthi uma izitolo zivuliwe abantu bayasizakala ngalezo zitolo bazibandakanye ezintweni ezingekho emthethweni. Izincwadi zethu azitsheli abantu ukuthi bavale izitolo zabo,” usho kanje esithangamini sabezindaba ekomkhulu le-EFF eWinnie Madikizela-Mandela House eGoli.

“Siyabazisa ukuthi kuzoba nombhikisho ngalolo suku nokuthi bazilungiselele.”

Uqinisekise izwe ukuthi abasebenzi abenza umsebenzi ebucayi njenga maphoyisa, abahlengikazi kanye nabanye bazovunyelwa ukuthi baye emsebenzini.

Namhlanje uMalema uphinde wahlangana nobuholi be-Santaco okuyinhlangano emele imboni yamatekisi.

“Besibazisa  ngokuthi  kuzoba nababhikishi emigwaqeni futhi amatekisi kufanele akuqaphele lokho,” esho.

“Akumele kube nokungqubuzana okungenasidingo phakathi kwethu namatekisi ngoba sisonke.”

Leli qqembu liphinde lihlangana nabaphathi bezinhlaka ezahlukene okubalwa usihlalo we-Premier Soccer League kanye nezinkampani zikahulumeni ezifana no-Transnet ukuze kumiswe ukuthuthwa kukaphethiloli ngosuku lwemashi.

Esithombeni esingenhla: UJulius Malema

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva