Lungani Zungu
Eminyakeni engu-48 eyedlule ubukhosi bakaZulu naseSwatini babusiswa ngendodana abayetha igama ngokuthi uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Igama lakhe lokuqala elithi Misuzulu lisho ukuthi “oyomisa isizwe samaZulu”, kanti uSinqobile usho ukuthi isizwe sinqobile.
Uyise owayeyiSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini osakhothama kanye nomama wakhe iNdlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu, wase-Swatini naye osakhothama bajabula ngesikhathi bebusiswa ngendodana ngomhlaka-23 kuMandulo ngonyaka ka-1974.
NgoMgqibelo uMengameli uCyril Ramaphosa uzonikezela ngesitifiketi sokuhlonishwa isinyathelo sokugcina sohambo lwakhe lokuthatha izintambo njengeSilo sesizwe samaZulu esinabantu cishe abangu-11 million.
ISilo Samabandla uMisuzulu KaZwelithini sasimiselwe ukungena ezicathulweni zikayise iSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama, kodwa akazange akunake nakancane lokho ekhula njengoba lokhu kwakuyimfihlo kuye.
UMntwana uMangosuthu Buthelezi owayazi iSilo Samabandla uMisuzulu esacathula uthe kwakuwusuku lwenjabulo ezalwa ngoba abadala babazi ukuthi nguyena ozolandela esihlalweni sobukhosi.
Lokhu kungenxa yokuthi wayezalwa uNdlunkulu, kusho uButhelezi.
“Uma isizwe sikhokha ilobolo njengoba senza kuNdlunkulu uMantfombi lowo wesifazane uba uNdlunkulu ozozala indlalifa.”
ISilo Samabandla uMisuzulu KaZwelithini sazalelwa esibhedlela sakwaHlabisa enyakatho neKwaZulu-Natal.
Kusukela ngaleso sikhathi ukhulele phakathi kwaseKZN nase-Swatini ngaleso sikhathi ngaphansi kweSilo uSobhuza II.
UMntwana uThulani Zulu uchaze Isilo uMisuzulu njengomuntu onamahloni, kodwa enesibindi.
“Wayesazi isikhathi sokukhuluma nesikhathi sokungakhulumi ngesikhathi esakhula,” kusho uMntwana uThulani.
ISilo Samabandla uMisuzulu ubengaziwa muntu kwaze kwakhothama uyise iSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu ngomhlaka-12 kuNdasa nyakenye kanye nonina uNdlunkulu uMantfombi ngemuva kwenyanga kaMbasa.
Igama lakhe livezwe esidlangalaleni njengomuntu ozothatha isihlalo sobukhosi eqhathaniswa nomfowabo uSimakade indodana yokuqala yeSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama.
UMntwana uSmakade wazalelwa ngaphandle komshado, omunye uMntwana okuvele igama lakhe uMntwana uBuzabazi.
ISilo Samabandla uMisuzulu KaZwelithini wachitha isikhathi esiningi sobuntwana e-Swatini okuyilapho eyafunda khona amabanga aphansi. Kamuva wabuyela kuleli wafunda amabanga aphezulu ekolishi lodumo i-St Charles College eMgungundlovu.
Uneziqu zezifundo zamazwe ngamazwe.
Isithombe esingenhla eseSilo Samabandla uMisuzulu Sinqobile KaZwelithini.