Lubhalwe nguLinda Ximba
Abadidiyeli bomdlalo owuchungechunge kumabonakude Imbewu: The Seed bavuse umlingisi uZimele “Ngcolosi” Bhengu.
UTony Kgoroge, ongumlingisi ophinde abe isishoshovu esasidlala indawo kaNgcolosi, washiya uhlelo lwaphakathi nesonto eminyakeni emibili edlule ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe. UNgcolosi washonela esibhedlela ngemuva kokudutshulwa.
Imibiko yabezindaba eyahlukene yangaleso sikhathi yaveza ukuthi unqume ukuqoqa imithwalo yakhe abuyele eGoli ngemuva kokungaboni ngaso linye ngomholo wakhe, kodwa manje usezobuyela endimeni yakhe.
Ukuphuma kwakhe kulo mdlalo kwahlangabezana nokudumala. Abaningi babebona sengathi nguyena owaletha impilo endimeni kaNgcolosi, eyaqale yadlalwa uMpumelelo Bulose.
“UTony useqalile ukushutha izigcawu kanti abalingisi bayakuthokozela ukubuya kwakhe. Ukhombisa ubungcweti futhi abalingisi abasebancane bafunda lukhulu kuyena,” kusho umthombo ongaphakathi kulo mdlalo oseThekwini.
“Abadidiyeli bekumele bazehlise bambuyise ngoba bebedinga ukukhuphula izinga. Sisola ukuthi umholo wakhe usungcono.”
Omunye umlingisi odumile osebuyile kulolu hlelo nguPhindile Gwala odlala indawo kaFikile Bhengu, indodakazi kaNgcolosi angazwani nayo. Ngesikhathi uchungechunge lwezindaba zalo mlingisi woMuvhango luvalwa isigubhukane ngoLwezi, ababukeli abaningi basala bedangele.
Indima yakhe yavalwa ngemuva kokuthi ezibulele kulo mdlalo.
UKgoroge akatholakalanga ukuba aphawule ngesikhathi okhulumela i-eTV uThapelo Ramatsui ethi: “Sizokhuluma ngezinguquko ezizokwenzeka ohlelweni uma isikhathi sesifanele.”
Esithombeni esingenhla: UTony Kgoroge
Umthombo wesithombe: @iHarare