Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sikhulu isililo ngokudlula emhlabeni kukamzukulu kaMafukuzela John Langalibalele Dube ngemuva kokuxinwa ukugula.
UMnuz Zenzele Mfundo Dube (72) udlule emhlabeni ngoMgqibelo esibhedlela esiseThekwini.
UNobhala kaKhongolose KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo uthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushiwa insika efana noDube.
“Yize ebesengumuntu obehamba nakho ukugula kodwa kusiqinise idolo ukuhlale sinaye emibuthanweni kaKhongolose kanye neyokukhumbula impilo kaMafukuzela. Besinaye njengoba umbutho ubugubha iminyaka engu-30 izwe lakhululeka,” kusho uMtolo.
UDube ubehlale eqhakambisa iqhaza likaKhongolose nelikamkhulu wakhe owaba inqalabutho ekwakhiweni kukaKhongolose kusuka ngonyaka ka-1909.
Ngaleso sikhathi uMafukuzela Dube waba yingxenye yokulwa nemithetho yokulwa nokusungulwa kwe-Union of South Africa eyayibandlulula abamnyama.
Akugcinanga lapho kodwa waphinde waba nguMengameli wokuqala kaKhongolose ngo-1912.
UMtolo uthe izinhlelo zokufihla umzukulu kaMafukuzela bazozimemezela uma sebephothule izinhlelo nomndeni.